
Obolekiswe yiChiefs uvuma ubunzima bokubhekana nayo
- Intatheli yeLISENETHINI
UDonay Jansen usevume ukuthi akulula kuye ukungena enkundleni eyobhekana neqembu elimkhulisile futhi anenkontileka nalo, iKaizer Chiefs.
Lo mdlali wasesiswini oneminyaka engu-21 ubolekiswe yiChiefs kwiSuperSport United kanti ungene esuka ebhentshini emdlalaweni weCarling Knockout ngempelasonto.
Nokho akakwazanga ukubhula umlilo abefakelwe wona nengoba Amakhosi egcine eyibhubhudla ngo 4-0 nje iSuperSport.
Uphinde wangena esuka ebhentshini ngoLwesibili iSuperSport ibhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni weBetway Premiership.
ISuperSport izophinde ibhekane neChiefs khona ePeter Mokaba Stadium emdlalweni weligi ngoMgqibelo kanti uJansen uveza ubunzima balo mdlalo.
“Akukaze kwaba lula ukudlala neqembu lakho. Kunzima kakhulu kimi ngoba ngazana neningi labadlali,” kusho yena kwabeFARPost.
“Ngesikhathi sidlala nabo (kwiCarling Knockout Cup) ngifikelwe umunyu futhi bengingajabule neze kodwa bekumele ngidlale, ayikho into ebengingayenza.
“NgoMgqibelo sizophinde sibhekane nabo, ngethemba ukuthi ngizosinikwa isikhathi sokudlala.
“Manje sesiyabazi ukuthi badlala kanjani nokuthi yini okumele siyilindele kubo.
“Sizokwenza konke okusemandleni ukwenza kangcono kulokhu. Emdlalweni odlule basishaye ngamaphutha ethu.”
UJansen uphinde waphawula nangokukhula kwakhe njengoba engaphansi kwesandla neso lomqeqeshi onamava uGavin Hunt.
“Ukungena esikimini kwiSuperSport bekunzima ngenxa yendlela edlala ngayo. Kodwa ngifunda lukhulu kumqeqeshi uGavin.
“Mina okumele ngikwenze wukusebenza kanzima ejimini nasemidlalweni. Kumele ngilalele futhi ngilandele imiyalelo yomqeqeshi uma ngisenkundleni.”
