EzintshaOrlando Pirates

Uncome amacebo enkakha oweBucs ebhubhisa AmaZulu

Iqhawe elisha le-Orlando Pirates uMohau Nkota, lincome amava enkakha yaleli qembu uJoseph “Duku-Duku” Makhanya ngemuva kokuqokwa njengomdlali ovelele. 

UNkota, oneminyaka engu-19, uqokwe njengomdlali ovelele ngemuva kokushaya amagoli amabizi asize iPirates yanqoba ngo 2-1 ibhekene naMaZulu FC. 

Kulo mdlalo weBetway Premiership obuse-Orlando Stadium, uNkota ukhombise zisuka ukukulambela amagoli.

Ngomzuzu ka-30, uNkota udedele inguzunga yeshodi eqheliile epalini, wanwebeka wadela uRichard Ofori, kodwa akangalifica ibhola. 

Akungabazeki ukuthi leli goli lakhe lizoba ngelinye lazobhekwa uma sekukhishwa imiklomelo yanyanga zonke yePSL.

Emizuzwini eyisithupha ukusuka lapho, uNkota, obedlala ngokuzwana noRelebohile Mofokeng abasuka naye enkulisa yeBucs, ushaye elesibili.

Nakulo ukhombise ubuchune nokungabi navalo ngendlela alishaye ngayo ebhekene ngqo nonozinti onamava njengo-Ofori.

Ubengawashaya namanye njengoba ngasekupheleni komdlalo bekubonakala ukuthi ozakwabo bazama ukutholela elesithathu.

Nokho ugcine ehlulekile ukulithola, kwaze kwaba uPule Ekstein utholela Usuthu elokubika ekhaya. 

“Ngifisa ukubonga umqeqeshi uDuku-Duku ngokungicebisa nangakho konke angenzele khona,” kusho uNkota ngemuva komdlalo. 

UMakhanya ungumqeqeshi weqembu lePirates elidlala kwiDStv Diski Challenge kanti selokhu efikile kuleli qembu sebebaningana abadlali abanyuselwe kwelikhulu. 

“Ngibonga nakuMxoliso, oyimenenja yeqembu leDDC, ngibonga konke ongenzele khona. 

“Nakumqeqeshi uJose Riveiro ngiyabonga ngokunginika leli thuba. Ngibonga ngakho konke asesenzele khona ukusisiza sithuthuke. 

“Kube yithuba elikhulu kimi, sesiside isikhathi ngililindile ngakho kusazothatha isikhathi ukukucubuungula kahle konke. Ngiyababonga bonke.”

UNkota bekuwumdlalo wakhe wesibili ewuqala njengoba engene endaweni kaMonnapule Saleng okuthiwa akekho esiweni esifanele sokudlala. 

Lo mfanyana uzobe ebhekwe uphinde abe yiqhawe uma iPirates seyibhekene neTS Galaxy ngoLwesibili eMbombela Stadium, eNelspruit.