Kunxuswa abayobuka iMTN8 ukusebenzisa izitimela
- Alfred NGUBANE
IPrasa isihlanganyele nomnyango wezokuthutha KwaZulu-Natal oholwa uSiboniso Duma ugqugquzela abalandeli ukuthi basebenzise isitimela ukuyobuka umdlalo wamanqamu weMTN8 eMoses Mabhida Stadium.
Lo mdlalo uzoba phakathi kweStellenboscch FC ne-Orlando Pirates kanti uzoqala ngo-6 ebusuku.
Ukusetshenziswa kwesitimela kusiza ukuthi kwehle isiminyaminya sezimoto emigwaqeni eyakhelene nenkundla.
UZiphozonke Mlambo, oyinhloko yezokukhangisa kwaPrasa utshele iLisenethini ukuthi kungani beqale lo mkhankaso wokugqugquzela ukusetshenziswa kwezitimela.
“Sinxusa ukuba basebenzise isitimela uma ngabe sebeyobuka umdlalo wamanqamu weMTN8 ophakathi kwe-Orlando Pirates neStellenbosch eMoses Mabhida Stadium kusasa.
“Izitimela zizosukela emalokishini amabili amakhulu KwaZulu-Natal, uMlazi noMashu,” kusho uMlambo.
“Bazothenga amathikithi ngamanani aphansi njengoba ukuhamba nokubuya kubiza u-R15 nje kuphela.
“Abantu mabasebenzise izitimela zethu ngoba zakhiwe ngendlela yesimanjemanje futhi ziphephile kunakuqala,” kwengeza uMlambo.
Khona manjalo uDuma uthe bathathe uhambo lokugqugquzela abalandeli bebhola ukuba basebenzise isitimela.