
UBroos ujatshuliswa wukuqophisana noTau ngeBafana
- Sibongiseni GUMBI
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ubona ukuphoxeka kukaPercy Tau ngokusiywa kwakhe eqenjini kuwuphawu oluhle.
UTau, oneminyaka engu-30, akafakwanga eqenjini elizodlala imidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations.
IBafana izobhekana ne-Uganda ngoLwesihlanu e-Orlando Stadium, bese ivakashela iSouth Sudan ngoSepthemba 10.
UBroos usichazile isinqumo sakhe, eveza ukukhathazeka ngesimo somqondo sikaTau.
Uthe ukugxekwa okuqhubekayo nokungabaza okukhona ngekusasa lakhe kwi-Al Ahly akuzona izinto ezinhle.
Nokho uTau umile kwelokuthi uphilile ngokomqondo futhi uzwakalise ukuphoxeka kwakhe ngokushiywa ngaphandle.
UBroos ukuvumile ukudinwa kukaTau, kodwa wama esinqumweni sakhe.
“Umdlali uyazi ukuthi kungani engekho nathi. Uyazi, asinankinga,” kusho uBroos etshela izintatheli.
“Ukuthi akavumi, kungenye into, futhi kuyinto enhle, ngoba lokho kusho ukuthi ufuna ukudlalela iBafana Bafana.”
UBroos ukholwa wukuthi nakuba uTau ephika, kodwa ukugxekwa kwakhe kulandela ukudlala kwakhe kwiBafana kwakamuva kungenzeka kumphazamisile.
Uphinde wabalula isimo esingaqinisekiwe senhlalo yakhe kwi-Al Ahly, lapho uTau engazange adlale emasontweni amane edlule futhi unezinkinga nomqeqeshi.
“Ungangitsheli ukuthi isimo asicacile. Akucaci. Akucaci!,” kugcizelela uBroos.
UBroos ukholwa ukuthi lezi zinto zingaphazamisa ukulungela kukaTau imidlalo yokuhlunga esezingeni eliphezulu.
“Angicabangi ukuthi kuleyo midlalo ebalulekile futhi enzima uPercy ubezobe ekulungele ngokomqondo ukuyidlala, futhi uyakwazi lokho,” kuchaza uBroos.
Nokho uBroos ubona isifiso sikaTau sokufakwa njengophawu oluhle lokuzibophezela kwakhe eqenjini lesizwe.
“Anginankinga yokuthi umdlali akahambisani nalokhu engimtshela khona.
“Ngokuphambene nalokho, ngicabanga ukuthi lowo umqondo omuhle kakhulu,” kusho uBroos.
Ukuqinisekisile ukuthi uTau uzobuyela eqenjini uma isimo sakhe sesicacile.
“Sizobona ngo-Okthoba ukuthi izinto sezingcono yini,” kuphetha uBroos.
