Ezintsha

UFreese uncoma ‘ivulandlela’ ngethuba abalithole kwiWydad

  • Alfred NGUBANE

Uthi babhekene nomqansa omkhulu kulo mesebenzi njengoba kukho konke abakwenzayo bezoqhathaniswa nokwazuzwa uPitso Mosimane kwi-Al Ahly. 

Ekhuluma neLisenethini eseCasablanca, uFreese uthe uMosimane uzakhelile igama enhla ne-Afrika futhi uhlonishwa ngendlela emangalisayo. 

“UPitso Mosimane uvule amathuba omsebenzi kubaqeqeshi baseNingizimu Afrika, angikhathali noma kungathiwani,” kusho uFreese.

“Kumanje singenile emakethe yabaqeqeshi ngoPitso Mosimane. Wasithatha wasifaka ebalazweni lomhlaba.” 

Okuhle wukuthi uFreese uthi bayazi ukuthi ngeke bahlale begabe ngempumelelo kaMosimane, kodwa kumele baqhubeze umsebenzi.

“Manje sihlala ngokucubungula amaqhinga amasha, nokuwabopha ngoba sinezimbangi ezinzima kakhulu. 

“Abadlali esinabo eqenjini sebeyajwayela ukubamba isitayela sikaRulani kancane kancane,” kuchaza uFreese. 

UPitso Mosimane wahamba noCavin Johnson ngesikhathi eya kwi-Al Ahly, wafike wanqoba ngesizini yabo yokuqala icaf Champions League, yi-Egypt Cup. 

IWydad ingelinye lamaqembu amakhulu ebholeni lase-Afrika naseMorocco. 

Njengoba selinqobe iChampions League amahlandla amathathu ne-African Winners Cup amahlandla amathathu. 

Iligi lasekhaya, iBotola Pro League yona seliyidle amahlandla angu-22, layisheba ngeThrone Cup amahlandla ayisishiyagalolunye. 

“Umsebenzi esibhekene nawo wukunqoba iBotola neThrone Cup, mhlawumbe ne-Asian Cup,” kusho uFreese.

IWydad iqede endaweni yesihlanu ngesizini edlule, okwenza iphuthwe yimidlalo yeChampions League kule sizini.

UMokwena, oshiye isigubhukane kwiMamelodi Sundowns, ulandelwe ukuzobuyisela isimo kwesifanele. 

Unikwe inkululeko yokuzihlelela yena ithimba elizomlekelela kanti unombono nakubadlali abasayinwayo.