
UBrandon Petersen ucacisa okwenza iChiefs ingasayini
Unozinti weKaizer Chiefs uBrandon Petersen usephawule ngokuzidlela amaqhwa kwaleli qembu ngesikhathi amanye ematasa eqinisa izikwati zawo.
Leli qembu laseNaturena lishiye abalandeli balo bekhungathekile njengoba bebuka amanye amaqembu ezitamuzela kubadlali abasha.
Izimbangi ezinkulu zeChiefs i-Orlando Pirates seziqinise ngabadlali abathathu abasezingeni elithembisayo.
Isayine u-Andre de Jong, uDaniel Msendami noMpho Chabatsane njengoba kuvulwe iwindi lamaphakathi nesizini lokusayina abadlali.
Lo mnyakazi wePirates wenze abalandeli beChiefs bazibona besalela emuva njengoba elabo iqembu lizithulele nje.
Nokho uBrandon Petersen useveze ukuthi akumele bakhathazeke ngokuthi iKaizer Chiefs ayisayini muntu kulokhu.
“Ngokwami, ngicabanga ukuthi ngokubheka isizini, sisasebenze kahle ngalaba badlali esinabo,” kusho uPetersen.
“Futhi angiboni siba nenkinga ukuya phambili nalaba badlali esivele esinabo eqenjini nebesidlala ngabo emzuliswaneni wokuqala.
“Senze kahle, sivala kahle emuva… Into esobala ekhathazayo engiyibonayo wukuhluleka uukusebenzisa amathuba okushaya amagoli.”
Yize isayine abagadli abaningana ekuqaleni kwesizini iChiefs ayikhombisanga ukuba bukhali phambi kwepali.
Kubagadli abasha eqenjini kukhona kubo u-Etiosa Ighodaro noKhanyisa Mayo abanamava obekubhekwe benze kangcono phambi kwepali.
UBrandon Petersen uthi abaqeqeshi beKaizer Chiefs uCedric Kaze noKhalil Ben Youssef yinto abayisebenzile le yokubhacaza phambili.
“Sisebenze kanzima kulokho ngesikhathi sekhefu,” kuqhuba lo nozinti ongukaputeni waMakhosi.
“Ngakho nginethemba lokuthi njengoba sibheke kulo mdlalo wangoLwesibili sizokwazi ukushaya amagoli ambalwa.
“Sizobe sesakhela kulokho ke ukuqhubekela phambili kule sizini.” IChiefs izobhekana neGolden Arrows ngoLwesibili.
FUNDA NALA | UMakaab ucacisa ekaRadiopane kwiPirates
Lo mdlalo weBetway Premiership uzoba seFNB Stadium kanti abalandeli bazothemba ukuthi kuzokwenzeka njengokusho kukaPetersen.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
