Bafana BafanaEzintsha

USibaya umthelela weSundowns kwiBafana

UMcBeth Sibaya, oyinkakha yeJomo Cosmos neBafana Bafana utshele iLisenethini ukuthi izinguquko ezenzeke kwiMamelodi Sundowns zizoba nomthelela ongemuhle eqenjini lesizwe. 

Uthi iSundowns iqede imidlalo yePSL ngesizini edlule izinto sezingahambi kahle sekucaca ukuthi kukhona okunuka santungwana.

“Ekupheleni kwesizini kuhambe abadlali abanjengoBongani Zungu nomqeqeshi uRulani Mokwena,” kusho uSibaya.

“Ngiyaqonda ukuthi neMamelodi Sundowns nayo inezinhlelo zayo zokunqoba izinkomishi ezidingayo.”

Uthe ucabanga ukuthi lezi zinguquko zenziwe ukubhekelela izidingo zeSundowns, kodwa wathi umthelela wazo uzozwela nakwiBafana. 

“Siyazi sonke ukuthi iBafana Bafana incike ekutheni iMamelodi Sundowns idlala kanjani njengoba kuyilona iqembu elenza kahle kwiPSL nakweyeCaf. 

“I-Orlando Pirates ilandela iMamelodi Sundowns ekwenzeni kancono kwi-PSL,” kuqhuba uSibaya.

“IBafana Bafana idlale ingcwenga yebhola kwi-Afcon e-Ivory Coast, yadida izimbangi zayo ngenxa yabadlali beSundowns. 

Kumanje abaqeqeshi abaningi base-Europe basazibuza ngebhola ebelidlalwa iBafana Bafana njengoba belidla utshani.”

USibaya wadlala emazweni ehlukene phesheya okubalwa neRussia kanti usaxhumana nezikhulu zalamaqembu adlala kuwo. 

Uthe kungaba kuhle namanye amaqembu asike iphethini kwiSundowns ukuze uHugo Broos ezoba nesiziba esibanzi azodoba kuso abadlali.

“Kuzomele uManqoba Mgqithi akuqonde ukuthi ukwenza kahle kweMamelodi Sundowns kusho ukwenza kahle kweBafana Bafana.

“Kodwa ke kuzomele namanye amaqembu akhuphule amasokisi ukuze iqembu lesizwe lizoba nabadlali abaqinile, likwazi ukunqoba i-Afcon.” 

IBafana izodlala ne-Uganda, ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama e-Orlando Stadium, emdlalweni wokuqala kweyokuhlungela i-Afcon ka-2025.