Caf Champions LeagueEzintsha

‘Ubezihhemela’ uCardoso ngakusho ngeChampions League

UMiguel Cardoso, ocija iMamelodi Sundowns ukhulume into exakile kwabaningi ngesikhathi elungiselela umdlalo wangoLwesibili.

Uthe ukuhluleka ukunqoba iChampions League akusho lutho futhi ngeke kuchaze ukuthi abalona iqembu eliqinile. 

“Kubalulekile ukuthi abantu baqonde ukuthi iChampions League ihlanganisa abadlali abasezingeni eliphezulu, namaqembu aphezulu ukuqhudelana,” kusho uCardoso.

Ekugcineni kuba amaqembu amabili adlala owamanqamu futhi kunqoba elilodwa… 

“Angicabangi ukuthi lawa amanye asuke engayinqobanga iChampions League asuke eyizehluleki.” 

La mazwi akhe awehlanga kahle kwabanye njengoba kuthiwa waqashelwa khona kanye ukunqoba iChampions League kwiSundowns.

USibusiso Vilakazi, owayedlala kwiSundonws manje osengumhlaziyi kwiSuperSport TV, uthi lo mqeqeshi uyazidlalela nje.

“ISundowns beyilokhu isondela ekunqobeni le ndebe futhi yena ufike kowamanqamu ne-Esperance ngesizini edlule.

“Manje ulandelwe ukuthi ngoba iSundowns beyilokhu kuba khona eshoda ngakho, azofaka khona bese benqoba le ndebe,” kusho uVilakazi.

Uthe kungenzeka ukuthi ubenzela ukwehlisa ingcindezi kubadlali ngokuthi akhulume ngale ndlela akhulume ngayo ngaphambi komdlalo. 

ISundowns izobhekana ne-Esperance eLoftus Stadium ngoLwesibili ngo-3 ntambama.