
UPitso Mosimane ususe isiphithiphithi ezimatanisa neChiefs
UPitso Mosimane usephinde wavusa isasasa kubalandeli beKaizer Chiefs ngemuva kokukhuluma ngaleli qembu sengathi useyingxenye yalo.
UMosimane uphakamise amashiya kuleli sonto ngesikhathi ekhuluma kaningi ngeChiefs wabuye waveza izifiso zayo zokubuyela esicongweni sebhola lase-Afrika.
“Ungasho ukuthi iChiefs idedele ikati esixukwini samajuba,” kusho uMosemane.
“Bengikhuluma noJess (Jessica Motaung), wathi, ‘manje sekusezandleni zePirates (Ngesicoco seligi)’.
“‘Thina sifuna nje ukuqinisekisa indawo yethu. Kungakhathaliseki ukuthi sidlala kwiChampions League noma kwiConfederation Cup, sikwenzela ikilabhu yethu. Sifuna kubuye iChiefs’.”
Lezo zinkulumo zivele zasusa isiphithiphithi kubalandeli baMakhosi ezinkundleni zokuxhumana.
Abaningi bebenesiqiniseko sokuthi lo mqeqeshi wodumo uveza ukuthi uyabuya ebholeni laseNingizimu Afrika.
UPitso Mosimane uphinde waveza ukuthi izikhulu zeKaizer Chiefs zimkhumbuze ngokufinyelela kwayo kowamanqamu weCaf Champions League.
“Bangibuze umbuzo… Empeleni uBobby ongibuzile wathi, ‘Eminyakeni emine edlule besikowamanqamu nawe (esakwi-Al Ahly)…
“‘Ngakho-ke singasho futhi ukuthi akukapheli sikhathi eside kade sikhona’.
“Ngakho iKaizer Chiefs izibona yenza kahle kulelo zinga,” kwengeza uPitso Mosimane.
Lo mqeqeshi owazakhela kahle igama kwiMamelodi Sundowns ne-Al Ahly uphinde waveza ukuthi usekulungele ukubuyela kulo msebenzi.
Nokho ufuna kube yiqembu elizohambelana nezifiso zakhe zokubusa ebholeni lase-Afrika.
“Ukuqeqesha futhi? Uma ungibuza ngeqembu lesizwe, ngingathi yebo,” kusho yena kwi-iDiski Times.
“Kodwa futhi akufanele ngithi ngeke ngibuyele ekuqeqesheni ikilabhu.”
“Uma ngiqeqesha ikilabhu, ngifuna ukunqoba iChampions League.
“Kimina akusekho mayelana nemali manje. Sengifuna umsebenzi ozongijabulisa.”
