
Usevumbuke kwiChippa ‘onyamalale’ kwi-Arrows
- Sibongiseni GUMBI
IChippa United isikuqinisekisile ukuhamba komqeqeshi uKwanele Kopo njengoba inkontileka yakhe iphela phakathi kwamabili ngoDisemba 31.
UKopo ujoyine iChilli Boys ngenkontileka yonyaka ngoJanuwari ka-2024.
Iqembu limnikile ithuba lokuvuselela inkontileka ngezinyanga eziyisithupha, kodwa wenqaba, wanquma ukubuyela eGoli.
IChippa iveze esitatimendeni ukuthi uKopo ufuna ukugxila emndenini wakhe nasezintweni ezibalulekile kuye.
UThabo September, obesebenza noKopo njengephini, usezothatha izintambo njengomqeqeshi.
Iqembu lilindele ukuthi aqhubeke nokwakhela phezu kwalokho uKopo akuzuzile eqenjini.
UKopo ushiya iChippa endaweni yesishiyagalolunye kwilogi yeBetway Premiership.
Leli qembu libe namaphuzu angu-14 emidlalweni engu-11 ngaphansi kwesandla sakhe.
IChippa manje isibheke kuSepthemba ukuze igcine umfutho wayo njengoba isizini iqhubeka.
Isitatimende seqembu sifundeka kanje: “IChippa United FC iyakuqinisekisa ukuthi umqeqeshi uKwanele Kopo uzokwehla esikhundleni sokuba ngumqeqeshi.
“Inkontileka yakhe iphela ngokusemthethweni phakathi kwamabili namhlanje ebusuku (Disemba 31).
“Umqeqeshi uKopo ujoyine ikilabhu ngoJanuwari 2024 ngenkontileka yonyaka owodwa futhi wabamba iqhaza elibalulekile ohambweni lweqembu kulo nyaka odlule.
“Yize enikezwe inkontileka entsha ezinyangeni eziyisithupha ezedlule, umqeqeshi uKopo ukhethe ukungaseluli isikhathi sakhe neqembu.
“Ubalule isifiso sakhe sokubuyela eGoli ukuze agxile emndenini wakhe nasezintweni ezibalulekile kuye.
“Ukuhamba kwakhe kuphawula ukuphela kwesahluko esiyimpumelelo emsebenzini wakhe wokuqeqesha nesigaba esibalulekile ekuguqukeni kweChippa United FC.
“Siyasihlonipha isinqumo sakhe futhi sizwakalisa ukubonga kwethu okusuka enhliziyweni ngobuholi bakhe, ubungcweti, nenqubekelaphambili ezuzwe ngaphansi kwesandla sakhe.
“Njengoba sivalelisa, siyajabula ukumemezela ukuthi umqeqeshi uThabo September uzothatha izintambo njengomqeqeshi, aqhubeke nomsebenzi.
“Uzokwesekwa yiphini elisanda kuqokwa uMabhuti Khanyeza.
“UKhenyeza uletha ingcebo yolwazi nolwazi oluvela emsebenzini wakhe oncomekayo njengomdlali nomqeqeshi.
“IChippa United FC izibophezele ekwakheni phezu kwesisekelo esiqinile esibekwe umqeqeshi uKopo.”
UKhenyeza uvumbuka kwiChippa nje ubekade ‘enyamalele’ kwiGolden Arrows abengumqeqeshi kuyo.
