
UBenni McCarthy useshintshe ukucabanga ngeKenya
Udaba ngu-Alfred Ngubane
Umqeqeshi weqembu lesizwe laseKenya, uBenni McCarthy, usewachithile amahlebezi, waqinisekisa ukuthi uzohlala kulo msebenzi wakhe kuze kube u-2027.
UBenni McCarthy uthi ufuna ukuqhubeka nomsebenzi wakhe kwiHarambe Stars kuze kube leli lizwe lisingatha i-Africa Cup of Nations (Afcon) eminyakeni emibili ezayo.
Wehlulekile ukufaka iHarambee Stars eNdebeni yoMhlaba ka-2026 ese-USA, Mexico naseCanada.
Uphinde wahluleka ukuyifaka kwi-Afcon yalo nyaka ezoba seMorocco ngoDisemba — kodwa uMcCarthy uthi usegxile ekwakheleni isikhathi eside.
“Kunabadlali abasezingeni eliphezulu eKenya, kodwa bekunzima ukusebenza nososesheni wakhona.
“Lokho kungenxa yokuthi awuhlelekile nhlobo, futhi lokho kwenza umsebenzi wami ube nzima,” kuvuma uMcCarthy.
Lo somaqhinga waseNingizimu Afrika useke waqeqesha iCape Town City, AmaZulu FC, waphinde wasebenza njengomqeqeshi wabagadli kwiManchester United.
Ukholwa ukuthi lo msebenzi wakhe wamanje umayelana nokubeka izisekelo kunokujaha imiphumela yesikhashana.
“Ngiqale umsebenzi wokwakha iqembu elizodlala kwi-Afcon ka-2027 ekhaya,” kwengeza yena ngokuzethemba.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi uBenni McCarthy eke waveza ukuthi uzoshiya kulo msebenzi ngenxa yokudinwa yindlela eliphethwe ngayo ibhola eKenya.
FUNDA NALA | UNdaba uveza akutshelwe ngoHotto kwiPirates
Okunye obekumxaka yisikhathi eside esiba phakathi kwemidlalo emaqenjini esizwe, athi simbangela umzwangedwa yena.
Kepha njengoba i-Afcon ka-2027 isiseduze, lo mqeqeshi oneminyaka engu-46 ubudala ubonakala esevuselelekile.
Usezimisele ukuguqula iHarambee Stars ibe yiqembu elinamandla nelizokwenza kahle uma selingosokhaya be-Afcon.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
