Bafana BafanaEzintsha

IPanama ishiphe kudliwa eKapa ishaya iBafana Bafana

IPanama iqede umcimbi obuzomnandi ungakaqali kwakuqala ishaya iBafana Bafana ngo 2-1 ngoLwesibili ebusuku.

Leli qembu laseSouth America belizwana amandla nezikaHugo Broos, lazivulela isahluko esisha.

Lo mdlalo bewudlalwa enkundleni ebigcwele phama abalandeli abebemagange ukubona iBafana Bafana yenza kahle.

Kodwa yize leli qembu libe nezikhawu la belenza kahle impela, kodwa ligcine lilugobile uphondo. 

Lona besekuwumdlalo wesibili phakathi kwalamaqembu njengoba owokuqala eThekwini uphele zibambene ngo 1-1. 

NaseKapa iPanama yiyo elishaye kuqala igoli, kodwa labuya ithemba iBafana Bafana ithola elokulinganisa.

Umdlali wasemuva uMbekezeli Mbokazi udedele ishodi elihle engaphandle kwebhokisi, wezwa ngenhlokomo yabalandeli unozinti ukuthi selisenethini. 

Kodwa kuthe kusabhekwe ukuthi iBafana iphinde elesibili bese iyanqoba, kwavele kwabhimba uhlelo izivakashi zishaya elesibili – lafa kanjalo ke ikhehla. 

Nokho kumele kucaciswe ukuthi uHugo Broos ubezame ukuhlanganisa abadlali abangajwayele ukudlala ndawonye kulo mdlalo. 

Yize ehluliwe, indlela iqembu elidlale ngayo kufanele ukuba imkhombisile lokhu abefisa ukukubona.