
Ushaya ‘islolo’ kwele-ABC Motsepe owaduma kwiBucs neChiefs
Owayengumgadli we-Orlando Pirates neKaizer Chiefs uSiphele “Shaka Zulu” Mthembu usethole ikhaya elisha ngemuva kwezinyanga engenaqembu adlala kulo.
Lo mgadli oneminyaka engu-37 ubudala ubengenaqembu kusukela eshiye iPretoria Callies ahlale isikhashana kuyo ngesizini edlule kwiMotsepe Foundation Championship.
Kodwa manje usesayine ngokusemthethweni isivumelwano sesikhashana neTshwane University of Technology (TUT) edlala kwi-ABC Motsepe League eGauteng.
UMthembu usenezinyanga eziqeqesha ne-TUT ukuze ahlezi esesimweni esifanele futhi ube nomthelela osheshayo edlala okokuqala kuyo ngoLwesibili.
Ushaye womabili amagoli ngesikhathi benqoba ngo-2–0 behlula iJomo Cosmos emdlalweni weligi.
Ngokusho kwesikhulu seTUT, isivumelwano sabo noMthembu simvumela ukuthi ahlale ebukhali ngesikhathi elinde amathuba kwiPSL.
Kubhekwe ukuthi athole izicelo emaqenjini ePSL uma kuvulwa kuvulwa iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoJanuwari.
“Uyasisiza ngenkathi esalinde izicelo zawePSL. Ukuba khona kwakhe kunomthelela omuhle eqenjini.
“Abadlali abasebancane bafunda okuningi kuye, futhi siyazuza kakhulu ngolwazi namava akhe,” kusho lesi sikhulu kwiKickOff.Com.
Khonamanjalo, owayengumdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns, uJabulani Shongwe, naye usethole ikhaya elisha.
FUNDA NALA | Okwenza uMaela abone iPirates inethuba leligi
UShongwe usayine kwiPhezulu FC edlala kwi-ABC Motsepe League eMpumalanga. Naye ubengenaqembu selokhu ehlukane neCallies ekupheleni kwesizini edlule.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
