EzintshaMotsepe Foundation Championship

EleChampionship lisha amashushu ngoKeagan Dolly

Kuvela ukuthi iCape Town City isha amashushu ngalo mdlali onamava njengoba isezinhlelweni zokulwela ukubuyela kwiBetway Premiership ngesizini ezayo.

ICity idliwe yizembe ngemuva kokuqeda endaweni ka-15 kwiPremiership ngesizini edlule. Ithole ithuba lokubuyela phezulu ngemidlalo yokuhlunga.

Nokho akuyihambelanga kahle nalapho njengoba kugcine kunqoba i-Orbit College kuleyo midlalo yokuhlunga, yona yashoveleka kwiNFD. 

Ngemuva kokuzama konke – okubalwa nokuzama ukuthenga isitifiketi seRichards Bay neseTS Galaxy nokufaka amacala – iCity seyizinikele ekutheni ikulwele enkundleni ukubuyela kwiPremiership.

Leli qembu selihlelwe kabusha kanti linomqeqeshi omusha waseNetherlands uJan Vreman futhi lisayine nonozinti wakhona kwelamaDashi uMickey van der Hart.

Lezi zinguquko zilandele ukukhululwa kwenqwaba yabadlali abanamava abebekuleli qembu kodwa abangalisizanga ukuthi livike izembe.

Manje i-iDiski Times ibika ukuthi selifuna ukuqinisa ngoKeagan Dolly – oneminyaka engu-32 futhi ongumdlali wasesiswini ohlaselayo onamava amakhulu. 

UDolly uvelele kakhulu kwiMamelodi Sundowns ngaphambi kokuthi aye eFrance la edlale khona iminyaka emine kwiMontpelier. 

Ekubuyeni kwakhe kuleli udlale kwiKaizer Chiefs iminyaka emithathu kanti ngesizini edlule ubekwiTS Galaxy. 

Ubengomunye wabadlali abebeseqenjini ebelimele iNingizimu Afrika kwiChampionship of African Nations (Chan) futhi udlale yonke imidlalo yeBafana kulo mqhudelwano.