EzintshaKaizer Chiefs

UBaartman unikwe ijezi elidunyiswe yizingwele kwiChiefs 

UBaartman, oneminyaka engu-19 ubudala, usayine ngokusemthethweni kwiChiefs kuleli sonto, kulandela amasonto amaningi ombango ngaye.

Usayine esuka kwiCape Town Spurs ebingafuni asayine kwelinye iqembu mahhala, igcizelela ukuthi usenenkontileka nayo yize yona seyidlala ezigabeni zama-amesha.

Nokho isigungu sePSL esixazulula izingxabano, iDispute Resolution Chamber (DRC) siyichithile iSpurs, sakhulula uBaartman ukuthi asayine kunoma yiliphi iqembu mahhala.

Yilapho ke iChiefs ebe seyimthatha khona, yaze yamethula kubalandeli ngoLwesibili ebusuku ngesikhathi idlala neRichards Bay eFNB Stadium. 

Manje ngoLwesine ekuseni seyithule inombolo ezogqokwa yilo mdlali obhekwe ngabomvu. Uzogqoka unombolo 11. 

Le nombolo inomlando nezinkumbulo ezinhle kubalandeli baleli qembu njengoba beyigqokwa abadlali abebengaconsi phansi kubo phambilini. 

Kwabakamuva nje kukhona u-Isaac “Shakes” Kungwane owalandelwa nguJabu “Pule” Mahlangu no-Emmanuel “Scara” Ngobese okungabadlali abenza le nombolo yahlonipheka kakhulu. 

Umdlali wakamuva odumile ogcine ukugqoka lenombolo nguKhama Billiat owayesayine kwiChiefs esuka kwiMamelodi Sundowns la ayekade eshisa khona izikhotha. 

Ngesizini edlule beyisetshenziswa nguTebogo Potsane ongazane adlale imidlalo etheni futhi ongazange abe namthelela kwiChiefs. 

Abalandeli bazothemba ukuthi uBaartman uzolandela ezinyathelweni zezingwele ngokuthi ayibuyisele isithunzi sayo le nombolo kuMakhosi.