
UShalulile usebheke ukuphula irekhodi elilandelayo
Ubungalindela ukuthi uPeter Shalulile azincome ngemuva kokwephula irekhodi ebeselineminyaka likhona kwiPSL, kodwa kunalokho lo mgadli uvele waveza akusophile kule sizini.
UShalulile – odabuka eNamibia – wephule irekhodi elaliqoshwe nguSiyabonga “Bhele” Nomvete kudala lamagoli angu-129 kwiPSL.
Lokhu ukwenze ngesikhathi eshaya igoli lesibili iMamelodi Sundowns ihlula iMagesi FC emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku.
Ekhuluma ngemuva kwalo mdlalo, uShalulile uncome futhi wabonga ozakwabo ngoba ethi yonke impumelelo aba nayo isukela ekusebenzisaneni beyiqembu.
“Ukukhuluma iqiniso nje, ngifisa ukubonga ozakwethu,” usho kanje ekhuluma nabeSuperSport TV ngemuva kwalo mdlalo obuseSeshego Stadium ePolokwane.
“Kithi obekubalulekile ukuza kulo mdlalo sifike sishaye amagoli. Kodwa ngiyakholwa aseza namanye amaningi.”
UShalulile uke wangaba khona eqenjini ngasekuqaleni kwesizini kanti kuke kwavela ukuthi angase ashiye kwiSundowns.
Nokho useveze ukuthi usazohlala nengoba esezibekele nesibalo samagoli afisa ukuwashaya kule sizini.
Ufuna ukuqopha irekhodi elisha lamagoli amaningi kwiPSL, bese ephula nelikaCollins Mbesuma lamagoli amaningi ngesizini eyodwa.
UMbesuma nguye ophethe irekhodi lamagoli angu-25 awashaya esadlala kwiKaizer Chiefs eminyakeni engaphezu kuka-20 edlule.
“Sengiyilungele isizini entsha. Bengiqala ukuqala umdlalo namuhla. Angifuni ukukhuluma kakhulu ngendaba yokuba ngumshayimagoli ophambili ngoba ngiyazi kuzohamba kahle kakhulu kule sizini.
FUNDA NALA | Owase-Egypt nesicelo kuKhoza ngoMofokeng
“Isifiso sami manje wukushaya amagoli amaningi – ngiyakholwa wukuthi kuzokwenzeka lokho. Ngidinga nje ukubuyisa ukuzethemba kwami.
“Ngifuna amagoli angu-25 kule sizini, futhi uma uNkulunkulu engakimi lokho nakanjani kuzokwenzeka,” kuphetha lo mgadli ozilalisa obenyoni izitobha asuke ezobhekana nazo.
