Ezintsha

Umbono: Ishonephi ikhwalithi ebholeni laseNingizimu Afrika?

Kukhona iqiniso elibuhlungu okudingeka sibhekane nalo. 

Abekho abadlali abayikhwalithi yangempela emakethe yethu yebhola njengamanje. 

Futhi inkinga akuyona imali yokuthenga abadlali – inkinga uhlobo lwabadlali esilukhiqizayo.

Asikhiqizi abadlali abahlomele ukukhula nokuthuthuka baye kude ebholeni. 

Kunalokho, sikhipha abadlali abasebancane abafundiswe ukuthi kumele banqobe ngaboma yiyiphi indlela. 

Abangconywana ngokwekhono kudlalwa ngabo, bagqilazwe kufunwa ngabo impumelelo esheshayo kumaligi aphansi, bese belahlwa uma sebefeze izinhloso zalelo qembu.

Ukuthuthukiswa kwentsha kueleli kuye kwaphela ngokuhamba kweminyaka. 

Sigxile ekuwineni kwesikhashana— sijaha amaphuzu amathathu noma ukunqoba okuzosakhela igama.

Lokhu kusibekele ngokuphelele ukubaluleka kokukhiqiza abadlali abasezingeni eliphezulu. 

Indlela esenza ngayo iyonke nje yonakele. 

Abaqeqeshi ezingeni lentsha bahlulelwa ngemiphumela, hhayi ithalente abalithuthukisayo. 

Lokhu kudala isiko lapho ukuwina kwedlula ukwakhela ikusasa. 

Ukuthuthukiswa kwentsha kulahlekelwe yiyonanto okuyimele ngempela.

Uma siqhubeka ngale ndlela, kuzogcina kunesimo la kungekho mdlali othengekayo kuleli. 

Ikusasa lebhola lethu lincike ekulungiseni lokhu kwehluleka kwendlela esenza ngayo ekuthuthukiseni abadlali abasebancane. 

Sekuyisikhathi sokubeka phambili ukukhiqiza ikhwalithi kunogxisha imfundiso ebhedayo yokuhubha imiphumela.