
UHugo Broos uwotha ubomvu ngesihlabani sePirates
Ubhodla umlilo umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ngokungafiki komunye wabadlali bakhe ngesikhathi abebhekwe ngaso ekhempini.
IBafana iqale ikhempu yayo yokulungiselela iCaf Africa Cup of Nations (Afcon) kuleli sonto kanti abadlali bePirates bebenikwe ikhefu elengeziwe.
Ngesikhathi abanye abadlali bebefuneka ekhempini ngoMsombuluko, abanye bePirates bekumele bafike ngoLwesithathu.
Lokhu kungenxa yokuthi bebenikwe izinsukwa kwazise bebedlala ngempelasonto edlule umdlalo osindayo weCarling Knockout.
Okucike uHugo Broos wukufika kukaMbekezeli Mbokazi sekwedlule isikhathi abebekelwe sona njengoba eshiywe yindiza obekumele abe kuyo.
Le ndiza beyisuka eThekwini iya eGoli. UHugo Broos uveze lokhu kwabezindaba ngoLwesithathu, ethi lesi simo asimhlalanga kahle.
“UMbokazi uqeda kufika manje nje, noma mhlawumbe yikhathi ezofika emizuzwini engu-15 ezayo,” kusho uBroos.
“Bengingafuni ukukhuluma ngalento kodwa ngoba senibuzile kufanele nginazise ukuthi angijabule ngayo.
“Usazise izolo (ngoLwesibili) ukuthi ushiywe yindiza eThekwini futhi kube ngumqeqeshi wePirates ongitshela lokho. .
“Naye ubecasukile ngokuthi ushiywe yindiza ngoba ngokusho kwakhe, ‘lokhu kukhombisa ukungawuhloniphi umsebenzi’.”
UMbokazi ungomunye wabadlali asebephenduke izethenjwa kwiBafana nokulindeleke babe ngukhiye kulo mqhudelwano oseMorocco.
FUNDA NALA | Seliqinisekisiwe eleCarling All Stars elizocijwa uMngqithi
Kukholakala ukuthi ubevunyelwe ukuya ekhaya izinsukwana njengoba kuzothi ngemuva kwe-Afcon uzoya e-US lapho eyojoyina khona iChicago Fire.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
