
Kube yidili lezigigaba iMagesi ishaywa yiDowns
IMagesi FC ingase ibhekane nekomiti eliqondisa ubugwegwe lePSL.
Lokhu kulandela iphutha elenzeke ngesikhathi idlala neMamelodi Sundowns emdlalweni weBetway Premiership obugcwele izigemegeme.
Umdlali omusha weMagesi, uLehlohonolo Mtshali udlale okokuqala kuleli qembu kulo mdlalo wangoLwesithathu ebusuku.
Nokho, igama ebelibhalwe ejezini lakhe belifundeka ngokuthi “Motshali” esikhundleni sokuthi “Mtshali.”
UMtshali ungomunye wabadlali abane abasha abamenyezelwe yiMagesi ngawo uLwesithathu ntambama.
Abanye ngoNeverdie Makhubela, uMncedisi Vandala, noCamren Ashby.
Bobane bebekhona ohlwini lwabadlali abazobhekana neSundowns yize bekusaphele amahora ambalwa besayinile.
UVandala uwuqalile yena umdlalo, kwathi abanye abathathu baba sebhentshini.
Naphezu kwemizamo yabo, iMagesi ihlulwe ngo 2-1 yiSundowns engagayelwa mphako.
Umdlalo uqale kahle kwiMagesi, uWonderboy Makhubu ushaye igoli ngomzuzu ka-12.
Njengoba kuyiwe ekhefini isahamba phambili, cishe beyizibona ingaphuma nokuthile kulo mdlalo.
Kodwa izinto zijikile ngesiwombe sesibili, iSundowns yabuya seyijike indlela edlala ngayo.
ULucas Ribeiro ushaye igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-64.
Sekusele imizuzu emithathu nje kuphela, uTashreeq Mathews ushayele iSundowns igoli lokunqoba.
Kodwa izigigaba aziphelanga lapho, unompempe ukhiphe amakhadi amabili abomvu ngesikhathi esengeziwe.
UDevine Lunga weSundowns noSamuel Darpoh weMagesi banqume ukuzwana ngequpha, unompempe wabakhomba ngaphandle.
