Ezintsha

IMagesi iqinise ngabaduma kwiPirates 

Isiqinise ngabadlali ababili abazakhela igama kwi-Orlando Pirates, uNeverdie Makhubela noLehlohonolo Mtshali iMagesi FC.

Yengeze nangoCamren Ashby noMcedisi Vandala. Laba badlali bamenyezelwe ngoLwesithathu ntambama. 

Bamenyezelwa nje kusaphele usuku leli qembu kade likhulule idlanzana labadlali. 

Labo mpetha beCarling Knockout Cup njengamanje benza izinguquko ezinkulu.

Umqeqeshi uClinton Larsen nephini lakhe uPapi Zothwane basanda kulishiya leli qembu.

U-Owen Da Gama usethathe izintambo futhi ulungiselela umdlalo onzima neMamelodi Sundowns.

Emahoreni ambalwa ngaphambi komdlalo, iMagesi iqinisekise abadlali abasha. Umdlalo ungoLwesithathu ebusuku.

UMakhubela, ongumdlali wasesiswini ohlaselayo, ubedlalela iGolden Arrows nePirates phakathi kuka-2021 no-2023.

Ujoyine iRichards Bay ngesizini edlule, wayisiza ukuthi igweme ukudliwa yizembe.

U-Ashby, oneminyaka engu-23 ubudala, noMtshali, oneminyaka engu-30 ubudala, bafike bevela kwiSekhukhune United.

Bobabili badlale imidlalo emine kwiSekhukhune kule sizini.

UMtshali uphuma enkulisa yePirates kodwa washiya ngo-2020 ngemuva kokubona ukuthi amathuba akhe okudlala eqenjini likhulu mancane.

IMagesi iphinde yamukela uMcedi Vandala, obeyishiyile waya kwiSekhukhune kodwa osebuyile manje.