
UMosimane uveza okwenze abe nomunyu ngokugabha uZwane
U-Pitso Mosimane usevumile ukuthi bekungelula ukuthatha isinqumo sokushiya u-Themba Zwane ngaphandle kwiBafana Bafana.
UMosimane umemezele iqembu lokugcina elinabadlali abangu-27 elizobhekana neKenya kaBenni McCarthy.
Lamaqembu azogadulisana emidlalweni emibili yokuhlungela i-AFCON ezokuba ngasekupheleni kwale nyanga.
UZwane ubekhona ekhempini edlule nasemidlalweni emibili yokuqala yokuhlungela lo mqhudelwano.
Ubekhona futhi ohlwini lwabadlali abangu-37 uMosimane abezoqoka kubo iqembu lakhe lokugcina.
“Bekungumuzwa obuhlungu. Bekungesona isinqumo esilula. Bekumele ngimkhiphe uMshishi,” kusho uMosimane.
U-Pitso Mosimane veze ukuthi lesi sinqumo besinzima kakhulu ngenxa yendima edlalwa u-Themba Zwane eqenjini, ngisho nangaphandle kwenkundla.
“UMshishi uphinde abe ngumqeqeshi wami. Uyangisiza ngalaba bafana, angitshele ukuthi lo mdlali amandla akhe akuphi.
“Ngakho-ke manje kufana nokuthi sengishiye umqeqeshi ngemuva,” kusho uMosimane.
Lo mqeqeshi uphinde wavikela isinqumo sakhe sokubuyisa uLyle Foster, wabuza ukuthi kungani abantu sebemlahla kangaka lo mgadli.
“Kodwa ngifuna nokubuza ukuthi sesingamngcwaba yini uLyle? Uneminyaka engu-35 yini? Akaseyena yini umdlali osezingeni?
“Akumele sikhohlwe ukuthi ubani owashaya igoli elasisiza ukuba siphumelele ukuya kwi-AFCON.
“Lokhu akugcini ngethalente kuphela. Kunemizwa ehambisana nakho futhi bekumele ngishayele uMshishi ucingo,” kuqhuba yena00000.
U-Pitso Mosimane uthi u-Themba Zwane ukwamukele kahle lokhu abekutshelwa, wakhombisa ubungcweti bakhe.
“Ngimshayele ucingo, wakwamukela kahle. Ungumuntu oyingcweti wathi, ‘Akunankinga, mqeqeshi. Asinike uLyle ithuba. Unamandla ebhokisini futhi angasishayela amagoli’,” kusho yena.
- FUNDA NALA | UCardoso ucacisa eyokweqiwa yijezi kukaVan Rooyen
IBafana izobhekana neKenya emidlalweni emibili ebalulekile, lapho uMosimane ezobe ebheke khona ukuthi izinqumo zakhe zokukhetha abadlali ziyazithela yini izithelo.
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
