EzintshaOrlando Pirates

UNdah uphawula ngokunikwa kwakhe ibhande kwiBucs

Umdlali wasemuva we-Orlando Pirates u-Olisa Ndah useveze imizwa yakhe ngokunikwa ibhande lobukaputeni kule sizini. 

Lo mdlali oneminyaka engu-26 uwuqale kahle umkhankaso wale sizini ka-2024/25, futhi useshaye nanegoli emidlalweni emihlanu.

Njengoba ukaputeni u-Innocent Maela ejwayele ukuqala ebhentshini, uNdah nguye obehola iPirates enkundleni kule midlalo esadlaliwe. 

Uzwakalisa ukumangala kwakhe ngokunikezwa umsebenzi wokuhola iqembu enkundleni. 

“Bengingakulindele nhlobo. Yithuba engilinikwe yiqembu, futhi ngiyalithokozela kakhulu,” kusho yena ngokucashunwa kwi-iDiski Times.

UNdah naye ujabule ngamathuba ePirates kule sizini ikakhulukazi njengoba isifinyelele kowamanqamu kwiMTN8. 

“Ngicabanga ukuthi sizoba nesizini enhle, futhi ngijabule ngalokho,” kwengeza yena.

Ifomu yakhe kwiPirates seyimenze waphinde wabizwa eqenjini lesizwe laseNigeria. 

UNdah ubonakale okokuqala ezinyangeni ezingu-17 ngesikhathi iNigeria inqoba ngo 3-0 ibhekene neBenin emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations. 

Ungene esuka ebhentshini ngesiwombe sesibili iNigeria seyiqinisa odongeni lwasemuva.

UNdah uzizwa enelisekile ngohlelo lokuqokwa kweSuper Eagles, nakuba engazange abizwe ngaphambilini. 

“Awukwazi ukubiza wonke umuntu. Ukukhetha kube kuhle kakhulu. Ngijabule ngokuba lapha,”kusho yena. 

INigeria izobhekana neRwanda emdlalweni wayo wesibili wokuhlungela i-Afcon ka-2025 ngoLwesibili. 

UNdah ukubheke ngabomvu ukufaka isandla empumelelweni yeqembu lakhe lesizwe.