EzintshaKaizer Chiefs

URiveiro uncoma ushintsho kwiChiefs – ubona kushuba umbango

Ngu-Alfred Ngubane

UJose Riveiro uthe iqembu lamanje leKaizer Chiefs libukeka lingcono kakhulu uma eqhathanisa indlela elidlale ngayo imidlalo yalo yokuqala yeBetway Premiership.

Uvumile ukuthi izingqapheli eziningi zimangele ngendlela eqinile iSekhukhune United edlale ngayo ezinyangeni zokuqala zomkhankaso weligi.

Kodwa yena usamangazwe Amakhosi awabona evuke indlobane ngemuva kwezinguquko ezenziwe ukulungiselela le sizini.

“IChiefs yenza kangcono kunesizini edlule, futhi ngicabanga ukuthi sonke simangele kancane nangokudlala kweSekhukhune ezinyangeni zokuqala,” kusho uRiveiro.

URiveiro uphinde wathi iChiefs ibonakala inamandla kule sizini futhi kancane kancane ithola uzinzo ngaphansi kwesakhiwo sayo esisha sabaqeqeshi.

Ubikezele ukuthi ingxenye yesibili yesizini izoba mnandi uma umqhudelwano ushuba ngemuva kukaKhisimusi uma amakilabhu esephinde aqinisa izikwati zawo.

“Ngicabanga ukuthi okuzokwenzeka engxenyeni yesibili yesizini, ngemuva kukaKhisimusi, ukuthi kuzojabulisa kakhulu, ngakho ngikubheke ngabomvu lokho,” kusho yena.

IChiefs isendaweni yesithathu kwilogi kanti isalele ngomdlalo owodwa kwiMamelodi Sundowns ezihola phambili kulo mjaho njengamanje. 

Uma inganqoba lowo mdlalo, bengalingana ngamaphuzu. Ngenhla kwayo kukhona iPirates yona esalelele ngemithathu kwiSundowns.

URiveiro uveze nokuthi okungamphathanga kahle ngokushiya kwakhe kwiPirates ngesizini edlule wukuthi akakwazanga ukuqedela isizini.