
UNabi uziphendulela ngeyokuxoshwa kwiChiefs
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, useziphendulele ngamahlebezi okuthi uzokhonjwa indlela ekupheleni kwesizini.
Uthe umangale kwaphela nasozwaneni ezwa ngalamahlebezi athi uzoxoshwa nethimba lakhe lonke ngemuva kwesizini eyodwa eNaturena.
Lo mqeqeshi waseTunisia ube ngumqeqeshi wokuqala eminyakeni eyishumi ukunqobisa le kilabhu indebe.
Lokhu ukwenze ngesikhathi eyihola idlula kwi-Orlando Pirates emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup ngempelasonto.
Kodwa ngesikhathi kusajatshulelwa le mpumelelo okukade yalindelwa, iSunday Times ibike ukuthi abaphathi abaphezulu beqembu banqume ukumdedela.
Umbiko uveze ukuthi bekungakhathalekile ukuthi uNasreddine Nabi uyayinqoba noma cha iNedabnk Cup, iKaizer Chiefs izomgxala.
Lokhu kuzobe kungenxa yokuthi uhlulekile ukufinyelela kwezinye zezinto abebekelwe ukuba azifeze ngesikhathi ejoyina ekuqaleni kwesizini.
UNasreddine Nabi ukhulume ngqo ngala mahlebezi enomphathi weKaizer Chiefs uKaizer Motaung Jr egumbini elilodwa.
Ubekhuluma kwiMarawa Sports Worldwide ngoMsombuluko ebusuku, wathi yena ugxile kakhulu ekuqedeni iligi futhi usalelwe wunyaka enkontilekeni yakhe.
“Ngimangele kakhulu ngala mahlebezi nemibono ngoba mina ngigxile kakhulu emidlalweni emibili esele,” kusho yena.
“Sigxile kakhulu emidlalweni emibili esele, ngoba kubaluleke kakhulu ukuqeda kwiTop 8.
“Angifuni ukulahlekelwa umfutho odalwe yile ndebe. Ngisenenkontileka futhi angikhathazekile ngalokho.
“Angicabangi ukuthi yisikhathi esihle lesi sokukhuluma ngalokho,” kwengeza umqeqeshi oneminyaka engu-59.
“IKaizer Chiefs ingumndeni wami. Nginomsebenzi nomthwalo engiwunikiwe, namuhla ngifuna ukujabulela impumelelo.”
UKaizer Motaung Jr yena ungene ezintangeni ngesikhathi ebuzwa ngalo mqeqeshi nekusasa lakhe ngoMsombuluko ekuseni.
Uthe kusazohlalwa phansi kubhekwe kahle ukuthi iqembu lisebenze kanjani kule sizini bese kuthathwa izinqumo kusukela lapho.
