
Ugxibhe abadlali bakhe uNabi iRoyal AM ihlwitha iphuzu
- Intatheli yeLISENETHINI
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, uzwakalise ukuphatheka kabi ngemuva kokuthi iqembu lakhe lilahle amaphuzu amabili libhekene neRoyal AM.
Amakhosi asheshe awashaya amagoli kulo mdlalo weBetway Premiership obusePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo ebusuku.
Kodwa-ke, iRoyal AM yenze ezibukwayo esiwombeni sesibili ishaya amagoli amabili, yakwazi ukuhlwitha iqatha emlonyeni kwiChiefs.
Ngemuva komdlalo uNabi ube nemibuzo ngesimo sabadlali bakhe nokungabi bukhali phambi kwamapali.
“Besiwuphethe umdlalo, usezandleni zethu, kodwa sawuyeka wasiphunyuka,” usho kanje uNabi ngemuva komdlalo.
“Sinomuzwa wokuthi namuhla besintula ubuchule. Besingaqeda ngalo mdlalo esiwombeni sokuqala.
“Besingashaya amagoli amahlanu noma ayisithupha, lo mdlalo ubungaba namagoli ayisikhombisa noma ayisishiyagalombili.
“Kwesinye isikhathi awuwatholi amaphuzu ngenxa yokungabambisani, kodwa ke kunjalo ebholeni, uma ungalihloniphi, nalo alikuhloniphi.
“Sikhungatheke kakhulu ngamaphuzu amabili esiwalahlile namuhla ngoba silawule umdlalo kusukela ngomzuzu wokuqala kuze kube umzuzu wokugcina.
“Kodwa vele yilokho okwenzekayo uma uvumela imbangi ibuyele emdlalweni.”
