
Okwenza uSibisi abe nethemba lokunqoba kwiStellies
- Intatheli yeLISENETHINI
Umdlali wasemuva we-Orlando Pirates, uNkosinathi Sibisi, uthi ukunqoba kwiCR Belouizdad kwiCaf Champions League phakathi nesonto kubenze iqembu elingcono.
Uthi ukuzethemba kuphezulu eqenjini ngaphambi komdlalo wabo weBetway Premiership neStellenbosch FC ngeSonto ntambama.
AmaBhakabhaka azokwamukela iStellies emdlalweni okulindeleke ukuthi ube sezingeni eliphezulu e-Orlando Stadium ngo-3.30 ntambama.
“Kithina kube yisikhuthazo esikhulu esinyuse ukuzethemba ukuthi sinqobe kude nasekhaya,” kusho uSibisi.
“Ukudlala e-Afrika akulula neze, ngakho-ke ukuze sithole lolo hlobo lomphumela, ngicabanga ukuthi kuveza ubuqotho beqembu lilonke.”
IPirates isiqale isizini ngenothi eliphezulu, yanqoba yonke imidlalo eyisikhombisa yokuqala yeligi.
Basendaweni yesibili kwilogi ngemuva kweMamelodi Sundowns, kodwa umehluko amagoli njengoba womabili amaqembu enamaphuzu angu-21.
Uma iPirates igwema ukuhlulwa namuhla, izobuyela endaweni yayo esicongweni seBetway Premiership.
Kodwa kwiStellies, esendaweni yesihlanu, izohlangana neqembu elibahlule kathathu emidlalweni yeligi neyezinkomishi ngesizini edlule.
Kodwa iPirates yiyo enqobe umdlalo wokugcina phakathi kwala maqembu ishaya iStellies ngo 3-1 kowamanqamu weMTN8 ekuqaleni kwale sizini.
Iqembu likaSteve Barker nalo lizobe libheke ukubuyela ekunqobeni ngemuva kokudlala imidlalo emithathu lingawini.
Ihlulwe ngo 2-0 yiStade Malien emdlalweni weCaf Confederation Cup obuseMali phakathi nesonto.
