EzintshaKaizer Chiefs

Okufunwa uMathebula kwiChiefs kowe-Engen Champ of Champs

Umqeqeshi wewembu lika-Under 19 kwi-Kaizer Chiefs, u-David “DVD” Mathebula, ukholelwa ekutheni iqembu lakhe lingaba ngompetha be-Engen Champ of Champs.

IChiefs ithole indawo kulo mqhudelwano ngemuva kokunqoba iGauteng Engen Knockout Challenge ngoJulayi.

Leli yithuba lokuyobhekana namaqembu ezinkulisa eziphambili avela ezifundazweni ezahlukene.

Lo mqhudelwano uzoba se-University of Pretoria High-Performance Centre phakathi komhla ka-2 no-4 kuMfumfu.

Kulokhu uzodlalwa ngaphansi kwesiqubulo esithi “Where Diski Legends Start”.

UMathebula uthi abadlali bakhe sebevele bakhombisa injabulo ngokubamba iqhaza kulo mqhudelwano.

“Sesikulungele futhi sijabule ngokuthi sidlala esigabeni sikazwelonke,” kusho uMathebula.

Uthi bafuna ukusebenzisa lo mqhudelwano ukuzihlola ngokubhekana namaqembu aqhamuka kwezinye izifundazwe.

“Konke kumayelana nokuzihlola ngokubhekana namaqembu ahamba phambili kwezinye izifundazwe. 

“Kodwa khona sesikulungele, nabafana bakulungele,” kusho le nsizwa eyayidlala khona kuMakhosi isencane.

U-David Mathebula ugcizelele ukuthi i-Kaizer Chiefs ayiyi kulo mqhudelwano ukuzokwengeza isibalo nje kuphela.

“Sifuna ukufinyelela kowamanqamu. Sidlalela ukunqoba futhi sifuna ukuba ngompetha beChamp of Champs.”