
UWilliams nokumele bakuqaphe kwi-Eritrea, iBafana ibophele kanje
Ukaputeni weBafana Bafana, u-Ronwen Williams, usexwayise ozakwabo ukuthi bangayithathi kancane i-Eritrea emdlalweni wokuhlungela i-Afcon ngoLwesithathu.
IBafana izobhekana ne-Eritrea e-Al-Salam Stadium, eCairo, ngo-6 ebusuku ngokwesikhathi saseNingizimu Afrika.
UWilliams uthe ukuhlonipha i-Eritrea kubalulekile, njengoba isikwazile ukufinyelela esigabeni sokuhlungela lo mqhudelwano.
“Into ebaluleke kakhulu wukunikeza izimbangi inhlonipho ngoba zikhona kuleli qoqo. Zifanelwe ukuba lapha,” kusho uWilliams.
Uveze ukuthi i-Eritrea inomgadli oyingozi odlala e-Egypt, okwazi ukushaya amagoli ngezindlela ezahlukene.
“Ungumshayi magoli osezingeni eliphezulu, uyashesha futhi ukhahlela nganoma kuluphi uhlangothi.
“Uyingozi emabholeni abekwe phansi nakumaphenathi. Kumele simqaphe,” kusho yena.
U-Ronwen Williams uphinde wakhumbuza ozakwabo ngokuthi i-Eritrea ithwalise iKenya nzima, yaze yagcina iyibambile ngo-1-1.
Uthe umoya ekhempini muhle futhi abadlali bazonikela ngakho konke ukuze bathole amaphuzu.
- FUNDA NALA | Owe-Eritrea nesexwayiso kwiBafana
IBafana ingene kulo mdlalo ngemuva kokushaya iGuinea ngo-2-1 kowokuqala, okuyibele phezulu kuGroup D.
Ibophele kanje: Williams, Kabini, Sebelebele, Makhanya, Okon, Aubaas, Sithole, Mofokeng, Maseko, Appollis, Rayners.
Ebhentshini: Ricardo Goss, Sipho Chaine, Yanela Mbuthuma, Thabang Matuludi, Thapelo Morena, Singh, Seema, Ndamane, Basadien, Mailula, Poggenpoel and Zwane.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
