EzintshaMamelodi Sundowns

UMoriri uyothekela ulwazi eGermany – iDowns ibheke ukunyusa izinga

IMamelodi Sundowns ithatha izinyathelo ezinesibindi ukuze ihlale ingungqa phambili — futhi kulokhu, ithumele uSuprise Moriri ukuyothekela ulwazi eGermany.

Lezi ziqhwaga zeBetway Premiership zithumele lesi sikhulu sazo kwiRB Leipzig ukuze siyofunda ngokuthuthukiswa kwabadlali nangobuchwepheshe obusezingeni eliphezulu.

USuprise Moriri usanda kuqokwa njengomqondisi wezoquqeqesha kuleli qembu elizinze eChloorkop. 

Kumanje uvakashele izikhungo ezisezingeni eliphezulu zeLeipzig, lapho azibonela khona mathupha ukuthi enye yamakilabhu athuthuka ngokumangalisayo  e-Europe alibumba kanjani ithalente elicokeme. 

Kusukela ekuhlaziyweni okuqhutshwa yidatha kuya ezindaweni ezikhethekile zokuzilolonga, indlela yokwenza yeLeipzig yakhelwe kwisisekelo sokwenza iznto ngesimanjemanje.

“Namuhla sibonile ukuthi babathuthukisa kanjani abadlali ngokobuchwepheshe,” kusho uSurprise Moriri. 

“Banendawo yobuchwepheshe lapho beqinisekisa khona ukuthi abadlali bathuthukisa amakhono abo ezingeni eliphezulu kakhulu.”

Uhlelo lweLeipzig selukhiqize izihlabani ezigqame kakhulu ebholeni lomhlaba, okuhlanganisa uJosko Gvardiol, Christopher Nkunku, Dominik Szoboszlai, Benjamin Sesko noDayot Upamecano. 

ISundowns neLeipzig bakhe ubudlelwano bokusebenzisana, kanti buzoqiniswa ngomdlalo wokuzwana amandla eLucas Moripe Stadium e-Atteridgeville, ePitoli ngoMeyi 29.