Bafana BafanaEzintsha

UMokoena ubhodla ngobuhlungu ngesiga sakhe kwiBafana

IFifa yaphuca iBafana amaphuzu amathathu ngemuva kokuthi lesi sihlabani sidlale neLesotho singafanelekile. 

Wadlala yize kwakumele ngabe umisiwe ngemuva kokuqoqa amakhadi aphuzi amabili ngasekuqaleni kwemidlalo yokuhlunga.

Yize kube nezinkinga, iNingizimu Afrika yagcina ikwazile ukudlula kulolu taku. 

Ukudlala ngokulingana neZimbabwe nokunqoba okubalulekile kwiRwanda kuinisekise ukuthi leli qembu liqeda liqwhakele kuGroup C. 

IBafana ivale imidlalo yokuhlunga ngokunqoba iRwanda ngo 3–0 eMbombela Stadium. 

Yalekelelwa nawukunqoba kweNigeria ngo 4–0 ishaya iBenin ngobusuku obufanayo. 

Ekhuluma noThabiso Mosia kwiRadio 2000 kuleli sonto, uTeboho Mokoena uvumile ukuthi lesi siga samlimaza kakhulu emoyeni.

“Bekunzima kakhulu kimina nomndeni wami, ikakhulukazi kumama,” kusho uMokeona. 

“Wayefona ethi abantu bakhala ngami, bathi ngilimaze isizwe. 

“Ngisho noma ngisezitolo, abantu bebenza ihlaya ngakho. Lokho kwangishaya kanzima.”

UMokoena uthe wayengazi ukuthi umisiwe kulowa mdlalo obungoMashi.

“Ngangingazi nokuthi nginawo lawo makhadi aphuzi. Ngangijima nje ngokujwayelekile, kodwa ngangingekho esimweni sami. 

“Ngaze ngazisola. Ngakhuluma nomqeqeshi wangitshela ukuthi ngingazigqilazi. 

“Wathi sonke sinephutha kulento futhi sonke kwakufanele ngabe siyazi.”

Lo mdlali wasesiswini uthi wezwa ethuleka umthwalo, hhayi injabulo, ngesikhathi iBafana egcina iphumelela.

“Kwakuyizinyanga ezinzima kimi. Ngangazi ukuthi uma singaphumelelanga, ngangizozisola impilo yami yonke.”

UTeboho Mokoena useshiye lesi sahluko esibi emsebenzini wakhe ngemuva kwakhe. 

Udlale umdlalo wakhe ka-50 kwiBafana ngoMgqibelo ngesikhathi beshaya iZambia ngo 3–1 emdlalweni wobungani.