
UCardoso uphawula ngabeSundowns abalimale kwiBafana
Umqeqeshi we-Mamelodi Sundowns, u-Miguel Cardoso, useveze icebo lakhe nngthi abadlali bakhe abalimale bekwiBafana Bafana.
Uthi uma bengakakulungele ngokuphelele ukudlala kowamanqamu weMTN8 ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo, ngeke abasebenzise.
UBathusi Aubaas, u-Aubrey Modiba noTeboho Mokoena, bonke abangabadlali ababalulekile eqenjini likaCardoso, balimale bekwiBafana.
Ebuzwa ngesimo sabo ngaphambi komdlalo wamanqamu ozodlalelwa eMoses Mabhida Stadium, uCardoso uthe kusamele babhekwe kahle ngaphambi kokuthathwa kwesinqumo.
“Okubalulekile ukwazi ukuthi, futhi ngakusho kusukela ngosuku lokuqala lokhu, ngizophinde ngikusho, abadlali uma beya eqenjini lesizwe, bangabadlali beqembu lesizwe.
“Ngakho siyahambisana ngokuphelele nalokho,” kusho uCardoso.
“Futhi siyajabula ngokuthi abafana bebekhona eqenjini lesizwe futhi benze kahle.
“Kodwa kusobala ukuthi kubalulekile ukuqonda ukuthi ngeke sibeke engcupheni noma yimuphi umdlali.”
U-Miguel Cardoso uthi abadlali babuyile kwi-Mamelodi Sundowns ngoLwesibili ekuseni futhi umnyango wezokwelapha usuqalile ukubahlola.
“Sinezinselelo eziningi ezisibhekile, futhi namuhla sizobona kangcono ukuthi isimo sabadlali sinjani.
“Izolo bafike ekuseni kakhulu futhi sabahlola phakathi nosuku,” kuqhuba yena.
“Bekungokokuqala odokotela behlangana nabo selokhu babuyile. Mina benginombiko izolo.
“Masilinde namuhla sibone ukuthi basabela kanjani ekuhlolweni kwethu kokuqala, ikakhulukazi njengoba sizosebenza nabo, bese kusukela lapho siqhubeke.”
Yize uCardoso ewubheka njengobalulekile lo mdlalo wamanqamu, ugcizelele ukuthi akafuni ukulahlekelwa ngumdlali isikhathi eside ngenxa yokumfaka enkundleni engakakulungeli.
“Into eqinisekile ngamaphesenti angu-100 ukuthi ngeke sibeke engcupheni abadlali, yize lo mdlalo wangempelasonto ubaluleke kakhulu.”
U-Miguel Cardoso uphinde waveza ukuthi i-Mamelodi Sundowns inohla lwemidlalo olumatasa ngemuva kwalo mdlalo wamanqamu.
“NgoLwesibili kukhona omunye umdlalo, kukhona umzuliswano wokuhlungela iChampions League, kukhona nemidlalo yeligi phakathi nendawo, bese siphinde sibe neSuper Cup.”
Uthi ukulimala komdlali oyedwa isikhathi eside kungaba yinkinga enkulu eqenjini.
“Ngakho ukulahlekelwa ngumdlali oyedwa imidlalo emihlanu eqenjini elifana nelithu kuyinhlekelele,” kuchaza yena.
Ngakho-ke, isinqumo sizoncika ekutheni laba badlali sebelulame kangakanani.
“Kumele sibone ukuthi sebelulame ngokuphelele yini noma basesimweni esithile nje, bese sibona ukuthi bayakwazi yini ukudlala.”
- FUNDA NALA | U-Ouaddou ‘ugcobe’ iBucs neDowns
Okwamanje abalandeli beSundowns kusamele balinde ukubona ukuthi u-Aubaas, uModiba noMokoena bazobe bekulungele yini ukubhekana nePirates eMoses Mabhida Stadium.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
