EzintshaMamelodi Sundowns

U-Onyango uphawula ngokuxinwa kweDowns ngemidlalo

Nokho u-Onyango ugcizelela ukuthi iqembu selikulungele ukubhekana nale nselelo.

Umdlalo, obuhlelelwe uMashi 9, wahlehliswa ngenxa yephutha lokubhukhwa kwenkundla. 

ILucas Moripe Stadium, lapho umdlalo wawuzodlalwa khona kwatholakala ukuthi inomunye umdlalo ngosuku olufanayo.

Kwakuzoqala umdlalo weqembu lesizwe lamantombazange lika-Under 17 neNigeria ngo-3 ntambama.

Kodwa imithethi yePSL ayivumi ukuthi kwenzeke kanjalo kungahlelwanga ngendlela efanele.

Yingakho ingakwazanga ukuqhubeka nalo mdlalo weNedbank Cup okwakuhlelwe ukuthi ube ngo-8 ebusuku. 

Yize ngaleso sikhathi i-PSL yezwakala icasukile ngalolu daba futhi yathembisa ukuthi izoluphenya, ayikasho lutho ngalo.

Lokhu kushiye iSundowns isesimweni esingafanele njengoba sekufanele idlale imidlalo emibili emikhulu nebalulekile esikhathini esiyizinsuku ezine.

Izodlala neSekhukhune United eLucas Moripe Stadium ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku.

Ukusuka lapho izobe seyibhekana ne-Esperance emdlalweni womkhumulajezi weChampions League ngoLwesibili. 

Phezu kwalokho, iningi labadlali bayo abajwayele ukuqala imidlalo bebesemaqenjini esizwe ehlukene futhi babuye kuleli sonto.

U-Onyango uyavuma ukuthi isikhathi asilungile. Uyavuma futhi ukuthi isikhathi sabo sokuzilungiselela sibe sincane kakhulu.

“Amalungiselelo ahamba kahle. Besingathanda ukudlala kusenesikhathi, kodwa sesilungile,” kusho u-Onyango.

“Yebo besingathanda ukudlala lo mdlalo emasontweni ambalwa edlule…

“Kodwa umdlalo wahlehliswa ngesikhathi sesivele sisekhempini, futhi silale ehhotela.

“Uyazi ke ukuthi kunjani uma usukulungele ukudlala bese kwenzeka kanje,” kwengeza lo nozinti owayedlala eqenjini lesizwe lase-Angola.

Yize kunezinselelo, lo makadebona weSundowns ukholwa ukuthi  lo mdlalo uzobasiza ukuthi bakhe umgqigqo ngaphambi komdlalo wabo obalulekile weChampions League.

“Kodwa sibheke ngabomvu umdlalo,” kuqhuba yena.

“Abanye abafana bebenamaqembu esizwe, baze basijoyina ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.

“Kodwa akukho esingakwenza, kumele sidlale ngoba sinemidlalo eminingi.”