
U-Elias Mokwana ubhoboka ngokuhalelwa yiKaizer Chiefs
Umdlali wasephikweni kwiBafana Bafana, u-Elias Mokwana, usephawule okokuqala ngamahlebezi ayemmatanisa ne-Kaizer Chiefs.
Yize engangenanga kakhulu ekutheni kwenzekani aze agcine engayanga kwiChiefs, kodwa akakuchithanga ukuthi angayijoyina esikhathini esizayo.
U-Elias Mokwana ukhethe ukufudukela eNyakatho Afrika ekuqaleni kwale sizini.
Ngemuva kokuba nesizini enhle kwiSekhukhune United nakwiBafana Bafana, wadonsa amehlo amaqembu ambalwa kuleli nangaphandle.
Nokho ugcine unqotshwe yi-Esperance yaseTunisia umbango wokumsayina futhi usaqhubeka nokwenza kahle nakuyo.
Kodwa ngaphambi kokujoyina lezi ziqhwaga zaseNyakatho Afrika, u-Elias Mokwana ubemataniswa kakhulu ne-Kaizer Chiefs.
Umqondisi weChiefs uKaizer Motaung Jr wakuqinisekisa ukuthi nebala basifaka isicelo sokudayiselwa yena kwiSekhukhune United.
Nokho lesi sicelo asiphumelelanga njengoba iSekhukhune yemukela esaleli qembu laseTunisia.
Lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala udalule engxoxweni abe nayo ne-iDiski Times ukuthi ukwazi ukuthi iqembu elikhulu njengeChiefs belimhalela kuyinto enkulu kuye.
Uthe kwakuyiphupho lakhe kusukela esemncane ukudlalela Amakhosi futhi unethemba lokuthi ngelinye ilanga uzolifeza.
“Eish, lena izongifaka enkingeni kodwa,” kusho u-Elias Mokwana ebuzwa ngemizamo yeKaizer Chiefs yokumsayina.
“Ukukutshela iqiniso nje, ubaba wayengumlandeli we-Orlando Pirates kodwa mina ngangingumlandeli weChiefs… Manje usuyabona ke?.
“Ngesikhathi ngizwa bethi iChiefs iyangifuna, ngajabula kakhulu,” kwengeza uMokwana.
“Ngeshwa, akuzange kwenzeke, kodwa iphupho lisekhona. Kwazi bani, mhlawumbe ngingayijoyina esikhathini esizayo.”
Ngemuva kokungamtholi uMokwana nabanye ebibafuna, iChiefs seyinqume ukuthi ngeke isagxila kakhulu kubadlali abasemaqenjini akuleli.
Ithe umgomo wayo sekuwukufuna abadlali abangabakuleli ngokuzalwa kodwa abadlala ngaphandle.
Seyivele ke ikwazile ukubuyisa uThabo Cele obedlala kwelaseRussia osayine kuyo ngoJanuwari.
Mhlawumbe noMokwana uzokucabanga ukubuya kuleli uma kuphela inkontileka yakhe eTunisia, bese iChiefs ithola ithuba lokumsayina.
