AmaZuluEzintsha

AmaZulu aqasha abaqeqeshi abasha beDDC – abaneme eKZN

Leli qembu elizinze eThekwini lihlela kabusha amathimba alo abaqeqeshi bezinkulisa kanti iLisenethini isithole ukuthi usetholiwe abazovala ezeDDC. 

Umthombo uveze ukuthi usuhoshe umoya wokuthi uKurt Lentjies nguye uqokwe njengomqeqeshi weDDC, kanti uThabo Mngomeni yena uzoba yiphini lakhe. 

Uhlelo lokuhlela kabusha izinkulisa kuthiwa luqhutshwa ngumqondisi wezokuqeqesha uPedro Dias onomuzwa wokuthi kudingeka iqembu lithathe indlela entsha. 

“Ngizwa ukuthi sebehlonze uma kuwukuthi abakabaqashi uLentijies noMngomeni eqenjini leDDC ngoba lezo yizikhundla zokuqala obekumele zigcwaliswe. 

“Bangabokuqala kwabaningi abaqokiwe kanti abanye kulindeleke baqokwe emasontweni ambalwa ezayo,” kusho umthombo. 

Uqhube wathi lezi zindaba zisematheni ebholeni laKwaZulu-Natal futhi kukhona ukungajabuli okukhona ngazo. 

“Kunemibuzo yokuthi kungani bengabatholanga abaqeqeshi esifundazweni. Kukhalwa ngokuthi kungani kulandwe abafana baseKapa.

“Lokho sekudale imibuzo eminingi kanti kunezimpikiswano eziqhubekayo ngakho,” kwengeza lo mthombo. 

Omunye umthombo nokho uthe umengameli weqembu uSandile Zungu usale ephoxekile ngemuva kokuqasha abadlali bakudala baKwaZulu-Natal phambilini. 

“Iqembu alizange lijabule ngomsebenzi abebewenza,” kuqhuba lo mthombo osidonse ngendlebe ukuba singawudaluli.

“Kodwa okumangazayo wukuthi uma ubheka isibalo sabadlali beDDC asebeseqenjini elikhulu senyukile”

Khonamanjalo iLisenethini seyihoshe amahlebezi okuthi kungani AmaZulu egxale abaqeqeshi bakudala bezinkulisa kodwa isaqoqa eminye imininingwane.