
Isikapakele kwelesizwe e-Egypt ekaMoh Salah noSlot
Ngu-Alfred Ngubane
Ukungezwani okukhulayo phakathi kukaMohamed Salah nomqeqeshi weLiverpool u-Arne Slot sekuthathe elinye igxathu elimangazayo e-Egypt.
Le ngabano yabo seyikapakele naseqenjini lesizwe lase-Egypt lapho umqeqeshi uHossam Hassan neningi labadlali abaphambili befuna ukungenelela.
Intatheli yase-Egypt, uMohamed Mamud, uxoxisane neLisenethini, ngalolu daba, yachaza kabanzi ngomthelela walo eqenini lesizwe.
Ukuqinisekisile ukuthi uMoh Salah ukhungatheke kakhulu ngemuva kokukhuhliswa ibhentshi imidlalo ilandelana nguSlot ambona sengathi akamfuni.
Ngokusho kukaMamud, lesi sihlabani seLiverpool sikholwa ukuthi uSlot uzama ukusicindezela uma sibheka izinto ezenzeka muva nje eqenjini.
UMamud, ozinze eCairo futhi osondelene kakhulu neqembu lesizwe, uveze ukuthi uHassan ubexhumana ngqo noSalah.
“Ubekhuluma naye ukuze ahlole isimo ngaphakathi kwiLiverpool futhi abonise ukumeseka kwakhe kulesi sikhathi,” kusho uMamud.
Wengeze ngokuthi ubuholi beqembu lesizwe bubona uSalah “njengomunye wabadlali abahamba phambili emhlabeni.”
“Bakhathazekile ngomthelela walokhu kungqubuzana okuphakathi kukakaputeni wethu nomqeqeshi wakhe futhi bafuna abone ukuthi bayameseka.
“Ngizwe ukuthi iqembu lesizwe lilungiselela ukwethula umkhankaso wokweseka uSalah,” kwengeza uMamud.
“Bakholwa ukuthi kudlalwa ngaye ngendlela engafanele futhi akukho okubi akwenzile kule mpi eqhubekayo noSlot.”
FUNDA NALA | UKaze uveza abakubheke kwabeChiefs ngesikhathi sekhefu
UMoh Salah uzohola i-Egypt kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba seMorocco ngasekupheleni kwale nyanga.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
