
URulani Mokwena uya nethimba ‘lingangilokothe’ e-Algeria
Umqeqeshi omusha weMC Alger, uRulani Mokwena useveze ukuthi uzolihlela kanjani ithimba elizomlekelela kulo msebenzi wakhe omusha.
Uthi uzofika nabantu bakhe abambalwa bese kuba khona abozafica khona eqenjini ukuze kube nokungahlukani kakhulu kubaqeqeshi nabadlali.
URulani Mokwena ushiye iWydad Athletic ngasekupheleni kwesizini edlule. Uke wamataniswa kakhulu nokubuyela kwi-Orlando Pirates.
Kodwa iPirates iqoke u-Abdeslam Ouaddou. Manje uMokwena oneminyaka engu-38 ubudala usekhethe ukubuyela eNorth Africa.
“Ikilabhu inabantu bayo abambalwa efuna bahlale, okuyinto enhle kakhulu. Lokho kusisiza ngozinzo,” kusho uMokena kwiMetro FM ngoMsombuluko kusihlwa.
URulani Mokwena uzojoyinwa nguzakwabo wakudala abesebenzisana naye kwiMamelodi Sundowns, umqeqeshi wonozinti uWendell Robinson.
“Ngithole umqeqeshi uWendell ngoba naye ukhuluma ulimi lonozinti futhi uma sigcina umqeqeshi wonozinti (okhona njengamanje) mhlawumbe ubudlelwano lapho buzosimama ngokushesha.”
Obeyiphini lomqeqeshi eqenjini lesizwe eTogo neAS Vita u-Enzo Donis naye uzojoyina uMokwena kulolu hambo lwabo olusha e-Algeria.
“Ngizoba nephini eselike lasebenza kwi-AS Vita, futhi elidabuka eBelgium eselivumile ukungijoyina,” kuqhuba uMokwena.
“Uvumele phezulu ukushiya umsebenzi wakhe neqembu lesizwe laseTogo, futhi ujabule ngalo msebenzi omusha.
“Uzongisiza kokuningi ngoba ngaphezu kokuba yiphini, uyingcweti yokuzicijela amabhola abekwe phansi.”
URulani Mokwena uphinde waqinisekisa ukuthi uzojoyinwa ocija imizimba yabadlali uSbu Mahlangu, asebenze naye kwiSundowns nakwiWydad phambilini.
I-MC Alger ingompetha base-Algeria, kanti yagcina ukunqoba iChampions League ngo-1976 kanti kusukela lapho ayikaze idlule esigabeni sokuqala somkhumulajezi.
Akungabazeki ukuthi leli qembu lithembe ukuthi isipiliyoni sikaMokwena kwiChampions League singasiza ekutheni liqede lelo shobolo.
