EzintshaKaizer ChiefsOrlando Pirates

Wayeselidubile ibhola u-Appolis osebangwa ezaseSoweto

Futhi manje kubikwa ukuthi ufunwa amaqembu amakhulukazi kuleli – i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.

Kodwa eminyakeni emithathu nje edlule, wayesethathe isinqumo sokuliyeka ibhola ngoba ebona sengathi alimusi ndawo.

Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala manje usengumdlali ovelele kwiPolokwane City.

U-Appolis ujoyine iRise and Shine esuka kwiPretoria Callies kumasizini amabili edlule. 

Ukudlala kwakhe kahle sekumenze wangena kwiBafana Bafana kwaphinde kwavusa isasasa elikhulu emaqenjini amakhulu.

Kodwa uhambo lwakhe kuze kube ufika la asekhona manje belungelula neze.

Ngaphambi kokujoyina iCallies, u-Appolis uthwale kanzima ukungena eqenjini lokuqala kwiSuperSport United. 

Ukuphoxeka kwacishe kwamyekisa ibhola lakhe, ngokusho komphathi wakhe wangaphambili kwiCallies uMoses Malada.

“Ngaphambi kokuthi asijoyine ubekwiSuperSport kanti akazange abe nempumelelo… 

“Wabe eseliyeka ibhola ngemuva kwalokho,” kusho uMalada ekhuluma neKickOff.com.

“Thina sezwa ngaye ngomqeqeshi wethu wangaleso sikhathi uKwanele Kopo, sabe sesinquma ukumlandela. 

“Samncenga ukuthi aphinde alizame ibhola abone ukuthi ngeke yini kumlungele.”

Manje sekucacile ukuthi wagcina ethathe isinqumo esifanele njengoba esengumdlali omqoka kwiBafana.

UMalada uqhube wathi u-Appollis waqala kancane kwiCallies, kodwa isizini yaphela eseyisethenjwa futhi sekunguye insika yeqembu. 

“Yize emfushane kangaka nje, waba yinsika yethu, wathwala iqembu emahlombe akhe, njengoba namanje enza nje kwiPolokwane,” kusho uMalada.

UMalada uthi esuka kubo wayebangwa yiSekhukhune United, iChippa United nePolokwane City.

Kodwa ngenxa yendlela amanye amaqembu afika ngayo ezofuna ukudayiselwa, agajwa, watholwa yiRise and Shine.  

Lokhu kwenziwa wukuhloniphana nokusebenzisana okukhona phakathi kwala makilabhu womabili.

“Siyaziqhenya ngenqubekelaphambili yakhe,” kuqhuba uMalada. 

“KwiCallies sikholelwa ekunikezeni abadlali abanethalente bese sibadlulisela kumakilabhu asibonisa inhlonipho…” 

Indaba ka-Appollis ingeyokuqina, ukuzinikela nenhlanhla yokunikwa ithuba lesibili.

Manje isahluko esilandelayo ebholeni lakhe singaba ngesikhulu kunazo zonke empilweni yakhe okwamanje.