Bafana BafanaEzintsha

Ingabe sesingabazenzisi abayizingcweti singuMzansi?

Kunombuzo okumele sizibuze wona njengabathandi bebhola baseNingizimu Afrika: Ingabe sesiyizingcweti zokuzenzisa?

Ake sibheke indlela esiphatha ngayo ibhola lethu. Sihlezi sigxeka abadlali, sihlambalaze abaqeqeshi, siphoxe amaqembu ethu futhi sisho zonke izinhlobo zamagama alulazayo ngalabo abazama ukuqhakambisa ibhola laseNingizimu Afrika.

Kodwa kuyamangaza ukuthi uma iBafana Bafana idlala kwiNdebe yoMhlaba noma emqhudelwaneni omkhulu, sifuna ukubona “ibhola lakithi.” 

Silindele ukuthi idlale kahle, inqobe futhi isenze siziqhenye – idlala ‘ibhola laseNingizimu Afrika’.

Umbuzo uthi: Leli “bhola lakithi” silibona kuphi uma singalazisi lapha kwiBetway Premiership? 

Okudabukisayo wukuthi nsukuzonke sihlezi sibeleselwa ngokuthi okubalulekile wukunqoba kuphela, hhayi ukuthi iqembu lidlala kanjani. 

Sizwa kuthiwa, “akunandaba ukuthi udlala kanjani, inqobo nje uma uwina.” 

Uma kunjalo, kungani sesimangala uma iqembu lesizwe lingasadlali ibhola elisijabulisayo kodwa lizama ukuhubha umphumela?

Mhlawumbe inkinga ayikho ebholeni laseNingizimu Afrika. Mhlawumbe inkinga isekutheni asikaze sinqume ukuthi sifunani ngempela kulo.

*Lo mbono ubhalwe ngenye yezingqothovu zebhola lakuleli enamava amakhulu kodwa ecele ukuba singayivezi okwamanje.