
U-Ouaddou uveza akufundile ngokuhlulwa kwe-Orlando Pirates
Umqeqeshi omusha we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou uphoxeke ngomphumela kuphela emdlalweni wokuqala wobungani weqembu lakhe eSpain.
IPirates ihlulwe ngo 2-0 yiqembu lase-England elidlala esigabeni sesibili, iBolton Wanderers eMarbella, eSpain.
Kodwa kulo mqeqeshi lo mdlalo bewungekho mayelana nomphumela, ubefuna ukuhlola izinto ezimbalwa abazizamayo eqenjini.
“Siphoxekile kancane ngoba sifuna ukunqoba njalo uma sidlala,” kusho lo mqeqeshi ngemuva komdlalo.
“Kodwa okungenani kukhona okuhle esikubonile eziwombeni ngokwehlukana kwazo.
“Sibone izinto ezithokozisayo mayelana nohlaka lokudlala, mayelana nokwakha amathuba…
“Siphinde sabona okuhle nangokuthola izikhala zokwengeza izinombolo ebhokisini lapho sihlasela.
“Sibe namathuba amathuba okushaya elokulinganisa,” kuhuba lo mqeqeshi.
“Esiwombeni sokuqala babe nenhlanhla yokuthola igoli, futhi okuhle wukuthi manje sesiyazi ukuthi kusafanele siqinise ekumakeni amabhola abekwe phansi.”
Amagoli womabili aqhamuke kade kunamabhola abekwe phansi, i-Orlando Pirates yahluleka ukuwavika kodwa u-Ouaddou uthi yinto azoyilungisa.
“Kuwubuthakathaka esizogxila kubo ngoba ngeke sikwazi ukudedela amagoli amabili ngale ndlela… Kodwa bekukhona nokuhle.”
U-Ouaddou uvumile ukuthi lobu buthaka be-Orlando Pirates emabholeni abekwe phansi yinto abeyihlonze nangesikhathi esekwiMarumo Gallants.
“Ngesikhathi ngidlala nePirates neqembu lami langaphambilini, yinto esasizame ukuyisebenzisa futhi saphumelela.
“Yebo, kuyinkinga emayelana nokumaka, emayelana nokugada ibhola nembangi kanyekanye.
“Ukuvala kahle ebhokisini kuwubuciko, ngiyacabanga… Futhi kufanele sikwenze kangcono futhi nginethemba lokuthi sizokwenza.”
Umdlalo olandelayo wePirates uzoba ngeSonto lapho izohlangana neqembu laseCyprus, iPafos FC khona eMarbella Sports Centre.
