EzintshaKaizer Chiefs

UVilakazi akamboni uPhili eba yiLangelihle kwiChiefs

Owayengumdlali we-Orlando Pirates, uBenedict “Tso” Vilakazi, useveze umbono wakhe ngo-Langelihle Phili okhonjwa kwi-Kaizer Chiefs.

Nokho lo mbono kaVilakazi ngeke wehle kahle kubalandeli baMakhosi.  

UPhili kubikwa ukuthi usejoyine Amakhosi, yize ikilabhu ingakakuqinisekisi ngokusemthethweni ukusayinwa kwakhe.

Kodwa uVilakazi uthi lo mdlali uzobhekana nobunzima obufanayo nabanye abadlali abafike kwiChiefs bethwelwe ngeqoma.

“Mayelana noPhili, ake nginitshele kusenesikhathi, engakagqoki nejezi leChiefs, uzohluleka,” kusho uVilakazi.

“Uzohluleka ngendlela efanayo nabanye abadlali abafike kwiChiefs bethwelwe ngeqoma kodwa bagcina bengaphumelelanga.

“Ake ngenze isibonelo ngathi lapha kwi-iDiski TV. Angikwazi ukwenza yonke into ngedwa. 

“Ngidinga ithimba. Angeke ngizibuze imibuzo, ngiphinde ngiphathe nekhamera ngedwa ngenze nokunye ngedwa.

“Kunjalo nangoPhili. Uzodinga ukwesekwa ngabanye abadlali ukuze aphumelele.

“Uzodinga abadlali abazomtholela ibhola. Uzodinga nabazogijima uma ephethe ibhola ukuze akwazi ukubakhela amathuba okushaya amagoli.”

Uqhube wathi u-Langelihle Phili uzogcina efana noKhama Billiat nabanye abafika kwi-Kaizer Chiefs kubhekwe lukhulu kubo, kodwa kwagcina bengabanga namthelela otheni.

“Uzofana nje noKhama Billiat, uKeagan Dolly noGaston Sirino,” kuqhuba le ngwazi.

“Uzoba ngumdlali ozothweswa wonke umthwalo weqembu emahlombe akhe. Lokho kuzoba nzima kuye. 

“Ngeke adlale kahle, bese abalandeli begcina bethi uhlulekile kwiChiefs.

“Kodwa ukuze akhombise ikhono lakhe, udinga abadlali abasezingeni eliphezulu eduze kwakhe.”

I-Kaizer Chiefs kulindeleke imemezele u-Langelihle Phili njengomdlali wayo omusha kuleli sonto njengoba ebonakale esikhumulweni sezindiza eGoli ngempelasonto.