Bafana BafanaEzintsha

UBroos uvuma okummangazile ngoMofokeng eBelgium

Owayengumqeqeshi weBafana Bafana, u-Hugo Broos, usevumile ukuthi u-Relebohile Mofokeng usemgqinyise amazwi akhe. 

Lo mqeqeshi waseBelgium uthi wayekhathazekile ngokuthi ukuba mncane kukaMofokeng kungamfaka enkingeni kwiligi yaseBelgium edume ngokuqiniswa konyawo.

Kodwa lo mdlali oneminyaka engu-22 usemkhombisile ukuthi wayenephutha.

Selokhu eshiye i-Orlando Pirates wajoyina iRoyale Union Saint-Gilloise ekuqaleni kwesizini, uMofokeng usebe ngumdlali ophambili eqenjini lakhe. 

Useshaye amagoli amahlanu ekilabhini yakhe entsha, namanye ambalwa kwiBafana.

UBroos ukhumbule ucingo aluthola ngaphambi kokuqala kwesizini luvela entathelini yaseBelgium eyayimangazwe yilo mdlali.

“Bengicabanga ukuthi kubalulekile ukuthi uRele akhuphuke kancane kancane,” kusho uBroos ekhuluma ohlelweni iPrime Sport with Mahlatsi. 

“Kodwa manje ngimangazwe kakhulu yilokho asekwenzile eBelgium.”

Uthe intatheli yambuza ukuthi ungubani lo mdlali, yabe isikhuluma ngokuthi mncane kangakanani.

“Yathi kimi ungu-1.62m ubude, unesisindo esingu-62kg,” kuqhuba yena. 

“Bengicabanga ukuthi kuzoba nzima kuye kwiligi yaseBelgium. 

“Bathi ngesikhathi bemubona bacabanga ukuthi ungumdlali weqembu lentsha. 

“Kodwa ngayitshela intatheli ukuthi ungumdlali osezingeni eliphezulu.”

U-Hugo Broos uthi wayelindele ukuthi u-Relebohile Mofokeng adinge isikhathi sokujwayela, kodwa akubanga njalo.

“Ngathi uzodinga isikhathi sokuzivumelanisa, kodwa akasidinganga,” kuchaza uBroos. 

“Ube nenhlanhla yokuthi kube nabadlali abalimele, wathola ithuba walibamba ngazo zombili.”

UBroos uthi uhlela ukuyobuka uRele edlala ekupheleni kwale nyanga ukuze bazitholele isikhathi sokuxoxa.

Uthi uyajabula ngokuphumelela kukaMofokeng, futhi unethemba lokuthi lokhu kungamvulela amanye amathuba amakhulu ekupheleni kwesizini.

UMofokeng usevele uke wamataniswa namaqembu amakhulu ase-England, eGermany nase-Italy.