
UMatlou ususe uhlevane evalelisa kwiKaizer Chiefs
Obengumdlali wasesiswini kwiKaizer Chiefs, uGeorge Matlou usevalelise ngokusemthethweni kuleli qembu ngomyalezo othinta inhliziyo awubhale ezinkundleni zokuxhumana.
Lo mdlali ubonge ozakwabo, abaqeqeshi nabalandeli beChiefs ngokumeseka ngesikhathi sakhe kuMakhosi.
“Kozakwethu asebeyizingane zakwethu nomndeni wami, muito obrigado,” kubhala uMatlou.
“Lezi yizinkumbulo engizohlale ngizigcina impilo yami yonke. Ngiyabonga kakhulu kubaqeqeshi nabo bonke abebesethimbeni labaqeqeshi.”
“Nakubalandeli beKhosi, ngiyabonga kakhulu ngalo lonke uthando eningibonise lona.”
U-George Matlou Matlou ushiya i-Kaizer Chiefs ngemuva kweminyaka embalwa eseNaturena, nakuba isikhathi sakhe siphazanyiswe kakhulu ukulimala.
Ukulimala kwenze akangakwazi ukungena azinze eqenjini eliqala imidlalo kule minyaka ayihlale eNaturena.
Ukuhamba kwakhe kuyingxenye yezinguquko ezenziwa yiChiefs njengoba ilungiselela isizini ka-2026/27 ngaphansi komqeqeshi omusha, uFernando Da Cruz.
- FUNDA NALA | UFolz useqashwe elaseTunisia
Leli qembu selidedele abambalwa kanti kusabhekwe ukuthi iqhubeke idedele abanye bese imemezela nabasha ebasayinile.
Manje u-George Matlou usezoqala isahluko esisha emsebenzini wakhe, njengoba kulindeleke ukuthi maduze amemezele iqembu azolidlalela ngemuva kokushiya i-Kaizer Chiefs.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
