EzintshaKaizer Chiefs

USheppard uveza inhloso yeKaizer Chiefs ngesizini entsha

Iphini lomqeqeshi kwi-Kaizer Chiefs, u-Dillon Sheppard, uthi iqembu lihlose ukunqoba izindebe ngesizini ka-2026/27.

Uthi bahlose ukuqala ngokuhlwitha iMTN8 esihlale komakhelwano babo i-Orlando Pirates amasizini amane kulandelana.

Amakhosi aqede isizini edlule esendaweni yesithathu kwiBetway Premiership, okuwukubuyela kwawo ezingeni elingcono kusukela ngesizini ka-2019/20. 

Lokhu kuphinde kwawabuyisela kwiMTN8 ngemuva kokuyigeja amasizini amabili elandelana.

U-Dillon Sheppard uthe iMTN8 iwumqhudelwano obalulekile ngoba unikeza i-Kaizer Chiefs ithuba lokuwina indebe ngokushesha.

“Kubalulekile ukuthi iqembu liqhudelane kuyo yonke imiqhudelwano,” kusho uSheppard. 

“Lokho kuqala ngeMTN8. Inemidlalo emine kuphela, okusho ukuthi unikeza ithuba elihle lokuwina indebe,” kusho uSheppard kwiSABC Sport.

Uthi ukunqoba indebe ekuqaleni kwesizini, kuhambisane nokuqala kahle kwiligi, kunganika iqembu umfutho omkhulu wokulwa kuze kuphele isizini.

Yize iChiefs ikhombise ukuthuthuka ngesizini edlule, uSheppard uyavuma ukuthi abalandeli basafuna impumelelo enkulu.

Uthi ngaphansi komqeqeshi omusha, uFernando da Cruz, banecebo lokubuyisela iChiefs ezinsukwini zayo zenkazimulo.

USheppard, osanda kuqinisekiswa njengomunye wabaqeqeshi abasizi bakaDa Cruz, uthe ujabule ngethuba lokusebenza naye.

“Ngikulangazelele ukusebenza nomqeqeshi omusha nethimba labaqeqeshi,” kuqhuba yena. 

“Njengabaqeqeshi sihlala sifuna ukufunda izinto ezintsha, ngakho ngijabule ngalokho okusilindele.” 

  • FUNDA NALA | ElasePotrugal lifuna u-Appollis

U-Dillon Sheppard useke wasebenza eqenjini lokuqala le-Kaizer Chiefs ngaphansi kwabaqeqeshi abehlukene, kanti uthi lokho kuzomenza akwazi ukuzivumelanisa kalula nomsebenzi wakhe omusha.