Ezintsha

OweMarumo Gallants ulandela owePirates eshiya ‘kusekuhle’

Emasontweni ambalwa kubikwe ukuthi i-Marumo Gallants isezingxoxweni nomqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou ukuze imgcine isikhathi eside.

Kodwa manje sekuvele ezokuthi uyashiya. Lokhu kwenza i-Marumo Gallants ibe yiqembu lesibili elizohlukana nomqeqeshi walo ekupheleni kwesizini yize enze kahle.

Nezinkunzi zaseSoweto, i-Orlando Pirates sezakumemezela ukuthi umqeqeshi wazo uJose Riveiro uzoshiya ekupheleni kwale sizini.

U-Ouaddou ubejoyine iGallants ngoJanuwari iqembu lihlezi endaweni yesibili ukusuka emsilwei kwilogi yeBetway Premiership.

Umsebenzi wakhe wesikhashana bewucacile: ukugwema izembe. Lowo msebenzi usewufezile, njengoba iGallants isisukile ezindaweni zezembe.

Nokho manje iSoccer Laduma ibika ukuthi imithombo isikuqinisekisile ukuthi izingxoxo zokwelulwa kwenkontileka phakathi kuka-Ouaddou neqembu aziphumelelanga. 

Ngenxa yalokhu, lo mqeqeshi kulindeleke ukuthi ahlukane neGallants ngemuva kwemidlalo yabo emibili yokugcina yesizini ka-2024/25 — bebhekene neChippa United neMagesi FC.

“Ngokuma kwezinto njengamanje, umqeqeshi uzohamba ekupheleni kwesizini,” kusho umthombo. 

“Uzobuyela eFrance. Umsebenzi wakhe bekuwukusindisa ikilabhu ezembeni, futhi ukwenzile lokho.”

Isikhathi esifushane sika-Ouaddou kwiGallants senze iqembu labonisa ukudlala ngendlela enesisekelo aamaqhinga namandla ngokomqondo kubadlali. 

Ikilabhu ithole amaphuzu abalulekile futhi yagwema izembe, okuphawula impumelelo yalo mqeqeshi owayedlalela iqembu lesizwe laseMorocco esengumdlali.

Phezu komthelela wakhe omuhle eqenjini, izingxoxo aihambanga kahle, okusho ukuthi lo mqeqeshi oneminyaka engu-45 ubudala ngeke aqhubeke ngesizini ezayo.

Njengoba sekusondele ukuphuma kuka-Ouaddou, abaphathi beMarumo Gallants bazogxila ekuqokeni umqeqeshi omusha ozoqhubeka nokwakhela phezu kwakwenzile.

Abalandeli bazobe benethemba lokuthi umqeqeshi olandelayo uzofika nomfutho namaqhinga afanayo noma angaphezulu kwaka-Ouaddou. 

IMarumo Gallants izohlala kwiBetway Premiership — kodwa ngaphandle komqeqeshi oyisize ukuthi igweme izembe.