
U-Adams ubonga iStellies, usebheke inselelo yakwiDowns
UJayden Adams usekhulume okokuqala ngemuva kokuqinisekiswa kokuthi uyashiya kwiStellenbosch FC, ujoyina iMamelodi Sundowns.
Lo mdlali wasesiswini usayine inkontileka yeminyaka emithathu nesigamu kwiSundowns kanti lokhu ikuqinisekise ngempelasonto.
U-Adams uhlale iminyaka emihlanu kwiStellenbosch. Ubeyingxenye yeqembu elinqobe iCarling Knockout Cup ngesizini edlule, okuyindebe yokuqala yekilabhu.
Emidlalweni engu-139 ayidlale kuleli qembu laseKapa, ushaye amagoli ayisishiyagalolunye.
Ukwenza kahle kwakhe kumenze wabizelwa kwiBafana Bafana ngaphansi komqeqeshi uHugo Broos.
U-Adams uphinde wasiza iNingizimu Afrika yathola indondo yethusi kwi-Africa Cup of Nations ka-2023 e-Ivory Coast.
U-Adams ubonge uStellenbosch ngokumkhulisa ngendlela efanele ebholeni.
Uthe ikilabhu izohlale isenhliziyweni yakhe futhi wafunga wagomela ukuthi uzoyeseka kuze kube phakade.
Ebhala kwi-Instagram, uthe: “Kusukela ezikhathini zasejiminikuya emidlalweni, amancoko, nezinselelo, ngikhule kakhulu lapha.
“Ukwesekwa nothando engikuthole kule kilabhu kungifundise ukuthi yini umndeni.”
U-Adams uvumile ukuthi ukushiya bekungelula kodwa ukubheke ngabomvu ukuqala isahluko sakhe esisha.
“Ngiyohlale ngiyibonga le kilabhu futhi ngisazise isikhathi engisichithe lapha,” kuqhuba yena.
Ufisele uStellenbosch impumelelo wababonga ngakho konke emenzele khona ngesikhathi ekuyo.
