Izabalaze kwalunga iSundowns idlulela phambili
Igoli likaPeter Shalulile ngesiwombe sokuqala libe ngelanele ukuweza iMamelodi Sundowns iye esigabeni somkhumulajezi kwiCaf Champions League.
Yize leli goli uShalulile alishaye ngesiwombe sokuqala likhavekile, kodwa iSundowns iwelile.
EleAS FAR Rabat lishaywe u-Amin Zouhzouh ngasekupheleni komdlalo, waphela sekuminyiwe.
ISundowns ibambene ngo 1-1 neFAR Rabat emdlalweni wayo weChampions League eLoftusa Stadium ngeSonto ebusuku.
IRabat icishe yasheshe yalithola igoli njengoba ibe nethuba elihle ngomzuzu wesikhombisa.
UTumisang Orebonye uyeke ithuba ngemuva kokuthi iSundowns kade ihlulekile ukususa ibhola ebhokisini layo, uRonwen Williams waliqoqa ibhola.
Ngomzuzu ka-12, uShalulile ushaye igoli ngekhanda kulandela ibhola abeligotshelwe ngobuchule uLucas Ribeiro kade kuyibhola elibekwe phansi.
UShalulile ucishe waphinda elinye ngomzuzu ka-29, kwala khona ukwenza.
Lo mgadli imsebenzise ngokweqile unozinti weAS FAR u-El Khayati futhi uzolala ezwile.
Ngesiwombe sesibili iSundowns iqhubekile nokucindezela futhi yawakha amanye amathuba.
U-Iqraam Rayners uzame ukuleqisa kunozinti ngomzuzu wama-51, kodwa u-El Khayati walichitha.
IRabat ucishe yalinganisa ngomzuzu ka-67 kodwa ibhola likaZouhzouh lashaya ipali.
Kodwa ngomzuzu ka-83, uZouhzouh ugcine emgobile uRonwen Williams, eshaya igoli eseduze ukuze umdlalo uphele zibambene.
Yize inganqobanga kulo mdlalo, iFAR Rabat iqede phezulu kuGroup B inamaphuzu angu-10.
ISundowns ilale isibili ngamaphuzu ayisishiyagalolunye.