
IPirates nezishaqisayo ngoJosé Riveiro
I-Orlando Pirates isiveze ukuthi umqeqeshi uJosé Riveiro uzolishiya leli qembu ekupheleni kwesizini.
Lo mqeqeshi odabuka eSpain uthathe isinqumo sokungayivuseleli inkontileka yakhe, ephela ekupheleni kukaJuni.
URiveiro wazise abaphathi ngesinqumo sakhe kusenesikhathi ukuze aqinisekise ukuthi banesikhathi sokubheka ozovala isikhala sakhe.
Iqembu manje linesikhathi sokulungiselela ikusasa ngaphandle kwalo mqeqeshi yize kusasele imidlalo eminingana ekhona.
Uiihlalo wePirates u-Irvin Khoza uzwakalise ukubonga kwakhe ngamagalelo kaRiveiro.
“Nakuba besingathanda ukuthi uJosé ahlale, sisihlonipha ngokugcwele isinqumo sakhe.
“Injabulo nempumelelo ayilethe ekilabhini ayisoze yalibaleka.”
AmaBhakabhaka asethungatha ozovala isikhala sakhe ngaphambi kwesizini ka-2025/26.
Kodwa-ke, ikilabhu ngeke ikhiphe ulwazi oluphelele kuze kube yisikhathi esifanele.
IPirates isasembangweni wemiqhudelwano emithathu emikhulu.
Isakhona kwiBetway Premiership, iCaf Champions League neNedbank Cup.
Iqembu selinxuse abalandeli ukuthi bameseke uRiveiro neqembu kuze kusongwe le sizini.
“Ezinye izimemezelo zizokwenziwa ekupheleni kwesizini,” kwengeza ikilabhu esitatimendeni.
URiveiro uhamba nje usezakhele igama futhi akaconsi kubalandeli bePirates njengoba enqobe izindebe ezinhlanu kumanje.
Usenethuba ke lokwengeza ezinye ezintathu ngaphezulu njengoba kusenemiqhudelwano emithathu adlala kuyo.
