
ISundowns imataniswa nowaseBrazil odlala ePortugal
Sekuvele ukuthi i-Mamelodi Sundowns isisezingxoxweni ezisezingeni eliphezulu zokusayinisa umdlali wasesiswini wase-Argentina, uMateo Tanglongo.
Lo mdlali njengamanje usemabhukwini eqembu lasePortugal iSporting CP.
UTanglongo, oneminyaka engu-22 ubudala, kuthiwa uzimisele ukujoyina aMasandawana njengoba izingxoxo phakathi kwala maqembu sezifinyelele esigabeni sokugcina.
I-Mamelodi Sundowns imsayina nje yingoba iyaqhubeka nokuqinisa isikwati sayo ngaphambi kokuqala kwesizini entsha yeBetway Premiership.
Uma lesi sivumelwano siphothulwa, uTanglongo uzoba ngomunye wabadlali bakamuva abangaphandle abazofika eChloorkop ngaphansi komqeqeshi uMiguel Cardoso.
Lo mdlali uke wadlala emaqenjini ahlukene ebolekisiwe ukuze athole isikhathi sokudlala, kodwa usengaphansi kwenkontileka kwiSporting CP.
- FUNDA NALA | UWilliams useyinxusa lePowerade
Yize kungakabi khona isimemezelo esisemthethweni esivela kwi-Mamelodi Sundowns noma iSporting CP, imibiko iveza ukuthi izingxoxo zihamba kahle futhi isivumelwano singaqedwa maduze.
Uma efika, kulindeleke ukuthi angeze ukujula namandla esiswini saMasandawana, esivele sibophele abadlali abasezingeni eliphezulu.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
