
OweChiefs ushaye ‘isisoka’ ebuzwa ngekusasa labaqeqeshi
Umqondisi we-Kaizer Chiefs uKaizer Motaung Jr. ushiye abalandeli baleli qembu bengenaso isiqiniseko ngemuva kokwenqaba ukuzibophezela ngekusasa labaqeqeshi uCedric Kaze noKhalil Ben Youssef.
Laba baqeqeshi abebebambile bahole iGlamour Boys yaqeda endaweni yesithathu kwiBetway Premiership futhi yangena nakwiCaf Confederation Cup.
Kodwa ikusasa labo eNaturena namanje alicacile – akwazeki noma bazohlala unomphelo noma bazokhululwa.
Amakhosi avale umkhankaso wawo weligi kabuhlungu, ehlulwa ngo 1-0 yiChippa United enkundleni ebigcwele phama iMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uMotaung Jr. ubuzwe ngoKaze noBen Youssef nokuthi ngabe bazoqhubeka yini ngesizini ezayo.
Esikhundleni sokunikeza impendulo eqondile, lo mphathi we-Kaizer Chiefs uvele washaya isisoka.
“Wonke umuntu ngemuva kwezigcawu usebenze kanzima,” kusho uMotaung Jr.
“Abaqeqeshi nabo kumele sibancome, abadlali kumele sibancome…
“Ithimba elihlonza abadlali nalo kumele linconywe ngoba yonke into eyenzekile ibe wuvuthondaba loomsebenzi nokuhlela kwabo bonke.”
Ube esencoma laba baqeqeshi ngokujlonza indlela eya phambili ngokunika abadlali abasebancane ithuba emdlalweni wokugcina.
Emdlalweni wokugcina, i-Kaizer Chiefs iqale ngeqembu ebelinabadlali abancane kakhulu.
Kubo bekukhona unozinti uTakalani Mazhamba, umgadli uNaledi Hlongwane no-EMile Baartman.
Njengoba eneminyaka engu-18 kuphela, uMazhamba ube ngunozinti omncane kunabo bonke ukudlala kwi-Kaizer Chiefs kusukela ngo-1998.
“Namuhla umuntu kufanele ancome abaqeqeshi… Ukunikeza uTalakani ithuba lokudlala okokuqala kuwubufakazi bokukholelwa kubadlali abasebanane nokuqonda ukuthi kubaluleke kangakanani ukubalungiselela ikusasa.
“Lokho kuyisibindi esikhonjiswa abaqeqeshi nokubhekela ikusasa,” kwengeza lesi sikhulu.
Siphinde sancoma nabalandeli ngokuma neqembu isizini yonke, sabe sesibathembisa okuhle kodwa ngesizini ezayo.
“Kusobala ukuthi umdlalo wokugcina ngakho-ke sizohlala phansi, sihlanganise yonke into, futhi sibone yonke imibiko ukuze sibone indlela eya phambili,” kusho yena.
“Konke esikwenzayo njengekilabhu, sikwenzela bona.
“Esingakwenza ngesizini ezayo wukuthembisa ukuthi sizolikhuphula izinga.
“Umsebenzi usuvele uqalile futhi sithembisa isizini engcono…
“Siyazi ukuthi bafuna impumelelo, siyazi ukuthi bafuna izicoco, futhi lokho sizokwenza.”
