EzintshaKaizer Chiefs

Seziqalile izinhlelo zokuhlela kabusha kwiKaizer Chiefs 

Le kilabhu kubhekwe yenze izinguquko ezinqala kubadlali ngaphambi kwesizini entsha njengoba umqeqeshi uNasreddine Nabi ekhalile ngezinga labo.

UNabi ukuphinde kaningi ukuthi akanelisekile ngezinga labadlali, futhi uma engathengelwa abafunayo angase ashiye phansi.

Nokho kubukeka sekuqalile-ke ukuhlelwa kabusha njengoba sekudedelwe abadlali abane – ababili beqembu elikhulu, nababibi belenkulisa. 

Kubadlali asebededeliwe kukhona uNjabulo Blom, uSabelo Radebe, nabeqembu leDStv Diski Challenge uSiphesihle Tati noNtandoyenkosi Nkosi. 

I-Kaizer Chiefs kubhekwe ukuthi ibe matasa njengoba kuvalwe isizini, kanti kusazokhululwa abanye abadlali bese kulandwa abasha. 

Nesinqumo nanganye umqeqeshi ukuthi uyahlala noma uyahamba sibhekwe ngabomvu kwazise kuke kwavela ukuthi abaphathi abeneme ngaye. 

Le kilabhu iqede isizini ka-2024/25 kunenhlansana yethemba. Iqembu elikhulu liwine iNedbank Cup, laqeda isomiso seminyaka engu-10. 

Iqembu lenkulisa lona lidle iDStv Diski Challenge okokuqala usukela yasungulwa eminyakeni engu-10 edlule.

Manje, njengoba imidlalo isiphelile, amehlo asebheke kubaphathi kwi-Kaizer Chiefs ukuthi benza njani njengoba kuzovulwa iwindi lokusayina abadlali nje. 

Esitatimendeni esisemthethweni, le kilabhu ezinze eNaturena ithe izinhlelo seziqalile.

“Njengoba kuphela isizini ka-2024/25, ikilabhu izokwenza izinguquko,” isho kanje kulesi sitatimende.

Abaphathi bakhumbuze abalandeli ukuthi ukuphuma nokungena kwabadlali yinto ejwayelekile kulesi sikhathi sonyaka. 

Kunxuswe abalandeli ukuthi bathembele kuyo ukuthola ulwazi oluyilo noseluqinisekisiwe ngokwenzeka eqenjini. 

“Kunokuqagela okuningi okukhona nolwazi olungaqinisekisiwe olujikelezayo.

“Sikhuthaza bonke abalandeli be-Kaizer Chiefs ukuthi bahlale bebheka izinkundla zethu zokuxhumana ezisemthethweni ukuze bathole ulwazi oluyilo,” kwengeza isitatimende.

Amakhosi aphinde athembisa ukuthi azokhipha izindaba ngalokho osekuqinisekisiwe kuphela, uma sekusayinwe wonke amaphepha afanele. 

Lokhu kufane nesiqinisekiso sokuthi ziningi izinguquko ezenzekayo okuyikho ukuthi azikakaqinisekiswa okwamanje. 

Baningi abadlali abamataniswa nalezi ziqhwaga zaseSoweto, baningi nokuvela ukuthi bazokhonjwa indlela.

Abalandeli beChiefs banethemba lokuthi kuzolandwaa abadlali abasezingeni eliphezulu.

Iqembu lihlose ukwakhela phezu komfutho wokunqoba iNedbank Cup.

I-Kaizer Chiefs iphinde yabonga abalandeli ngokwethembeka kwabo nokuhlezi beyeseka, kukuhle noma kukubi.

“Siyibheke ngabomvu isizini enhle ezayo. Sithanda ukuphinde sibonge Amakhosi ngokwethembeka nangothando lwenu,” kusho iChiefs.

Ukwakhiwa kabusha kweqembu sekuqalile. Abalandeli manje bazolindela ngabomvu ukuthi ngobani abadlali abasha abazosayinwa.